UNdunankulu umbule itshe lokuthula noxolo eMkhomazi
Bahle Mkhize
UHANJELWE uNdunakulu wakwaZulu-Natal uThami Ntuli osomabhizinisi, amakhosi, osopolitiki nabantu abakhele umphakathi waseMkhomazi namaphethelo umcimbi ohlelwe uPrince Ishwar Ramlutcham odume ngilika Mabheka Zulu.
UPrince Mabheka ongumsunguli nomengameli weSivananda World Peace Foundation.
NgoMgqibelo bekumbulwa itshe eliqoshwe ngetshe le granite neliwuphawu lokuthula iPeace Pillar.
Ubude balesi sithombe bungu 3,5 metres. Sifaniswa njengendawo yokuthandaza yazo zonke izinkolo zasemhlabeni.
“Kuyintokozo ukuthi sihanjelwe umhlonishwa uNdunankulu wakwaZulu-Natal uThami Ntuli ukuzobusisa lo mcimbi kanti kukhona noMnuz Narend Singh ongusekela likaNgqongqoshe kwiForestry, Fisheries and the Environment. Kukhona neNkosi uMadlala nenye eqhamuka e-Eastern Cape uBala. Kusho lukhulu kimi ukuthi nonke nidele ebenikwenza kodwa nakhetha ukuza kulo mcimbi,” usho kanje.
ISivananda Peacer Pillar ngesinye sezithombe eziwu-19 ezikhona eKZN kanye nase Ningizimu Africa yonkana.
Esifundazweni sase KZN sezimbuliwe lezithombe kube ikwaDukuza, Empangeni, Phoenix, Tongaat, Hluhluwe, Drakensberg, Richards Bay, Ulundi, Gingindlovu, Pietermaritzburg, Greytown, Durban, Ladysmith naseGoli.
Lo msebenzi uqalwe uPrince Ishwar Ramlutcham Mabheka Zulu.
“Lezi zithombe ziwuphawu lokuthula nobumbano emhlabeni wonke, ziwuphawu nesikhumbuzo sokuthula nothando kubantu bonke. Ezokuhlonipha uSwami Sivananda okumsunguli weDevine Life Society Worldwide nomlandeli wakhe uSwami Sahajananda” kusho uRamlutchman.