Izindaba

Kubanjwe ‘ofishi abakhulu’ kukhucululwa iTheku

Liyah Mseleku

KUBANJWE ‘ofishi abakhulu’ ngesikhathi amaphoyisa ebopha abantu abangu-15 bokufika abakuleli ngokungemthetho.

Kwenzeke lokhu ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokukhuculula iTheku ngoMsombuluko ekuseni.

Kuboshwe namadoda amabili ekuthiwa abebalekela amacala abasolakala kuwo kusukela ngonyaka ka-2021.

Omunye umsolwa ubonakale efaswe ngozankosi izandla ngemuva egqoke isikibha esikuhlaza sasibhakabhakaka nebhulukwe elifana nesikibha umbala.

Bangaphezu kuka-100 abantu abahlala emqwaqeni abayingxenye yalabo abathathwe ngamaphoyisa.

Kulo mkhankaso bekuphambili uNdunankulu wakwaZulu-Natal uthi banezinhlelo zesifundazwe sonke ukunqanda ubugebengu okuhlanganisa ukubopha abantu abakuleli ngokungemthetho.

“Sisemkhankasweni wokuhlanza iTheku, nesifundazwe sakwaZulu-Natal, silapha ukuzobheka labantu abahlala la ngokungelho emthethweni. Ubabona behamba bevula oplastiki. Uthole ukuthi izidamakizwa zidla lubi njengoba ubona imijovo yezidakamizwa. Abanye bayagula, size lapha ukuzobasusa. Abanye bauabaleka bamamacala. Kwamanye amabhilidi kutholakale abantu abangu-15 abalapha ngokungemthetho. Umsebenzi esizolokhu siqhubekile siwenza asikoqedi,” usho kanje.

Lo mkhankaso wokukhuculula iTheku obuse-Albert Park, ngaphansi kwebhuloho osekuphenduke ikhaya labaningi.

Bekumbambisene izinhlaka ezehlukene okubalwa iHhovisi likaNdunankulu, amaphoyisa kaMasipala, SAPS, Correctional Services, uMnyango wezeMpilo, uMnyango wezokuPhepha komphakathi nokuXhumana.

Related Articles

Back to top button