
Ugadwe amaphoyisa okaMaskandi obhekene namacala anzima
BAHLUKENE phakathi abalandeli bomculo kaMaskandi kulandela ukuboshwa kwaBobo Mfana wePiki osolwa ngokuzama ukuthumba ingane nokuzama ukubulala umphakathi.
Lo mculi kuthiwa ubefuna imali yakhe ngo”dli” kwisiqashi wagcina esethumba ingane eneminyaka emibili waphinde wadubula ebhekise emphakathini obusufuna kumudla luhlaza.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLieutanent Colonel Mavela Masondo uthi :” Lomculi uhlasele isiqashi eyofuna imali yerenti izolo ngeSonto eSwaneville, eKagiso, njengoba kuthiwa unezindawo eziqashisayo, okuthe uma engayitholi imali yakhe, wase ethatha le ngane yesiqashi eneminyaka emibili ubudala kulona wesifazane wayifaka emotweni wahamba nayo,” kusho amaphoyisa.
Kuthiwa lesi siqashi sikhale sabiza umphakathi okuthe uma ufika umphakathi, lo mculi wakhipha isibhamu wadubula ebhekise emphakathini okuyilapho umthelekele khona.
“Uvikelwe amaphoyisa wahanjiswa esibhedlela esiseduzane, ungaphansi kweso lawo okwamanje ugadiwe,” kusho uColonel Masondo.
Kumanje amaphoyisa athi amuvulele icala lokuzama ukuthumba nokubulala kulindwe ukuthi alulame bese ebekwa amacala ngokusemthethweni.
Abafana bakaMgqumeni bathe bamfisela ukululama okusheshayo noNjoko naye ufisele ukululama okusheshayo uzakwabo emculweni.
Umlandeli kaMaskandi uSamkelo Cosmos ubhale ezinkundleni zokuxhumana: “Yazi kuyethusa ukubona abaculi abathandwa abantu bethule Mthandeni SK nawe Khuzani Mpungose nithuleleni ningafiseli uBobo ukuba elulame? cishe bonke abaculi sebephumele obala bafisela uBobo ukuthi alulame.