Izindaba

Zibakhalele abasolwa esigamekweni sokubulawa kwabantu (18)

Bahle Mkhize

SEBEKHALELWE ngamasongo kaSigonyela abasolwa abathathu ecaleni lokubulala abantu abangu-18 eLusikisiki.

Laba solwa baneminyaka engu-22, 24 no-31 batholwe becashile ezintatha ngoLwesithathu emijondolo yaseMkholombe, ePort Portshepstone, eningizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal.

Kulesi sehlakalo kwasocongwa abantu besifazane abangu-15 kanye namadoda amathathu.

Emzini wokuqala kwabulawa abantu abane kwangasinda muntu.

Esehlakalweni sesibili bekunabantu abangu-19 abebekade belele emzini ose-NU2, abangu-13 babo badutshulwa bashona. Kwasinda abantu abayisithupha okungabantu besifazane abane nowesilisa owagcina ngokushona esibhedlela.

Lesi sehlakalo esihlasimulisa umzimba senzeka eNgobozana, eLusikisiki, e-Eastern Cape.

Kuso lesi sigameko kwakukhona ingane enezinyanga ezimbili kuhlaselwa, nokho yaphuma ingenamyocu.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola owahambela leya ndawo wahlanganisa ithimba eliphezulu lamaphoyisa azophenya lezi zigameko.

“Ingane iyiswe esibhedlela ukuze ithole ukunakekelwa okudingakalayo. Kusiphatha kabi okwenzekile,” kusho uBrig Mathe.

UMasemola ngoLwesithathu ubonge abahlali baseNingizimu-Africa ngokubaseka uma behlaba umkhosi.

UMasemola ukuqinisekisile ukuthi kungakapheli namahora angu-24 besabalalise izithombe zabasolwa umphakathi ubumbanile wabancinza indlebe ukuthi bacashephi.

“Ngibonga abantu abasabalalise izithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana okuhlanganisa izintatheli,” kugoqa uGen Masomola.

Related Articles

Back to top button