Lihlehlele uNovemba icala lommeli osolwa ukudla uRAF
Philasande Luthuli
LIHLEHLE uNovemba-26 icala elibhekene nommeli oboshelwe izinsolo zokweba imali yekhasimende lakhe evela kwaRoad Accident Fun (RAF).
UMicheal Sonotse Mabunda (42) kuthiwa wafaka isicelo sokukhokhelwa kwekhasimende lakhe kwaRAF imali engango R10,562,173.21 nebala yakhala ebhange lakhe.
Noma kunjalo kodwa ummeli akamfakelanga ngisho nesenti umnini wemali lokho kwadala ukuthi umgilwa ahlupheke enemali.
Abophiko lweSerious Commercial Crime Investigation kwiHawks baqala uphenyo bamlandela kancane uMabunda bagcina bemnika amasamanisi.
Icala lavulwa ePretoria North police station ngo-Agasti 2019.
NgoLwesibili ubevela okokuqala ePretoria Specialized Commercial Crimes Court.
Okhulumela iDirectorate for Priority Crime Investigation eGoli uCaptain Lloyd Ramovha uthe baqala ukumlandela uMabunda emuva kokunukeka enkohlakalweni.
“Kwaba nombiko okhomba uMabunda ngenjumbana ukuthi unesandla ekungafikeni kwemali yekhasimende lakhe njengoba kunguye owafaka isicelo kwaRoad Accident Fund,” kusho uRamovha.
Khonamanjalo, oyinhloko yamaHawks esifundazweni saseGauteng uMajor General Ebrahim ukwamukelelile ukuboshwa kwaMabunda.