Izindaba

Udilikajele kobhokode unina ngommese wamshisa

UGWETSHWE udilikajele uMaurice Butlion (35) wase-Eastern Cape ngecala lokugwaza abulale unina uSharon (65).

Ugwetshwe iNkantolo enkulu yase Gqeberha ngaleli cala alenza ngoSepthemba 12, 2022.

Ngesikhathi emgwaza ephindelela unina waphinde wathungela ngomlilo indwangu eyayisetafuleni egumbini lokudlela maqede wadla phansi.

Wabaleka wayocasha ehlathtini eliseduze nelokishi iWalmer lapho aboshwa khona.

Isidumbu samgilwa satholakala ngakusasa sinamanxeba okugwazwa nokusha.

UMaurice ulivumile icala, ebeka izaba ezaholelea ekutheni abulale unina uthe wayenengcindezi yokungabi namali.

Esinye isizathu kwaba wukuthi  wayesethole ukuthi unina uphila nesifo somdlavuza.

Inkantolo iphinde yalalela ubufakazi bokuthi ukubulala unina qede azibulale naye kwakuyona ndlela yokuphuma ezinkingeni.

Ummeli kaMaurice uzamile ukuncenga inkantolo ukuthi imshaye ngoswazi oluncane anikwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele kodwa umshushusi woMbuso u-Ismat Cerfontein washaya ngonyawo phansi.

Ube esegwetshwa udilikajele ngokubulala ngesihluku, iminyaka eyisikhombisa ecaleni lokuthungela ngomlilo, neyishumi yokubalekela nokudukisa ingalo yomthetho.

UBarry Madolo ongumqondisi kwi-Eastern Cape Director of Public Prosecutions ushayele ihlombe umphenyi wecala uRidwaan Baatjies ngomsebenzi wakhe oncomekayo nokwenze uMaurice aphelelwe ushatini.

“Lesi sigwebo sidlulisa umyalezo ovuthayo kulabo abenza ubugebengu, ikakhulukazi kubantu abadala, iNational Prosecuting Authority (NPA) izohlezi iqinisekisa ukuthi bajeza kanzima.

Related Articles

Back to top button