Ezokungcebeleka

UMthandeni SK ethubeni lokuhlukanisa unyaka oKhozini FM

Sihle Mkhize

KUBUKEKA ezozidlela amahlanga umculi kaMaskandi uMthandeni SK emuva kokudedelwa kohlu lwezingoma eziyishumi okuzokhethwa kuzo ezohlukanisa unyaka ka-2024/5 oKhozini FM.

Kulokhu ungene ngengoma acula ngokuhlanganyela kuyo noMawhoo esihloko sithi Gucci.

UMthandeni nguye kuphela umculi omkhulu kuMaskandi futhi onengoma enkulu kanti kuyaziwa ukuthi amabhinca ayesekana ngasemavotini

Ingoma kaJumbo ocula iGospel lapho epike khona uKhuzani Mpungose okwaziwayo ukuthi uyimbangi kaMthandeni akalibonanga elidlalayo.

Ezika Khuzani bezithembele kuyona le ngoma esihloko sithi Noma Ungavala ukwesekwa uKhuzani ovaleleke ngaphandle nabaculi abaningi emuva kokushaywa kwemigomo nemibandela emisha kuKhozi FM.

Phakathi kwemibandela ekhiphe abaculi abaningi abavamise ukukhipha umculo ngoNovemba noDisemba wukuthi UKhozi FM kulokhu belisebenza ngomculo owathunyelwa kusukela ngomhla ka-1 Januwari kuya ku-Okthoba 31.

Kuzokhumbuleka ukuthi unyaka ka-2023/04 wahlukaniswa ingoma esihloko sithi uMjolo Lowo. Kwaba nokukhala kwabaningi njengoba babethi lengoma ayiziwa ngisho nayisidakwa.

Lumi kanje uhlu lwezingoma ezikelisiwe ukuba zivotelwe kusukela ngoMsombuluko ebusuku:-

Woodblock DJs – Skuta Baba

Thokozani Langa – Thokoza

Mthandeni SK – Gucci

Allen – Unobuhle

Malungelo – Uyavela

Malini – Uthunyelwe Abadala

Mjolisi – My Dululu

Black Major – Sdakiwe Sbali

Andile KaMajola – Liphakanyisiwe

Zintle Kwaaiman – Sabela

Ukuvota SMS igama elithi “INGOMA” kanye nohlamvu lengoma oyikhethayo ku-35615.
Ukuvota kuvalwa ngomhla ka-31 Disemba ngo-12 emini.

I-SMS ibiza R1.50, ama SMS amahhala awasebenzi, kunemigomo nemibandela.

#IngomaEhlukanisaUnyaka24

Related Articles

Back to top button