Uliphakamisele phezulu iflegi laseHlokozi enqoba kumaSatma
Sihle Mkhize
ULIPHAKAMISE phezulu iflegi laseMgezankamba, eHlokozi, kwaZulu-Natal umculi kaMaskandi ebuya nendondo kwiBest Upcoming Artist/Group.
ULindokuhle Mbiko (28) odume ngelika Secret Code onengoma esezitolo eshisa bhe esihloko sithi Ngikunika Uthando ubonge abalandeli bakhe abambeke kuleli zinga asekulo.
Lo mncintiswano ububanjelwe eGlpbe, Suncoast Casino, eThekwini ngempelasonto.
“Ukuqokwa kukodwa kwakhomba ukuthi umsebenzi wami mkhulu futhi baningi abantu abawulalelayo kuze kufike ekutheni ngiqokwe.
Kungijabulise kakhulu ukuthatha umklomelo, ukuwubamba nje ngesandla sami le ndondo enkulu kangaka aseNingizimu Africa kusho lukhulu. Bengingazivoteli mina, kodwa abantu. Kube intokozo ukubona ukuthi kukhona into abayizwayo ngami. Lokhu kusho ukuthi ngibaluleile ebantwini bangenzele iqiniso ngokungivotela ukuze ngihlabane,” kulandisa uSecrete Code.
Uqhube ngokuthi akubanga lula ngoba ubenezimbangi kwiBest Upcoming Artist/Group okubalwa kuzo uMashelela, Claude, Selflez, neMahlakeng Acapelas kodwa ukwazile ukuthi abaguqise ngevoti.
Uthi lokho kumnike ithemba ukuthi uma engaqhubeka abantu bayohlezi bemeseka ngaso sonke isikhathi.
Khonamanjalo kuphele ishobolo leminyaka engu-14 Ukhozi FM ikakhulukazi uhlelo olithandwa iningi uSgiya Ngengoma lihlabana ngendondo kwiSouth African Traditional Awards (SATMA) 2024.
Lolu hlelo lushayelwa uTshatha Ngobe osebuya amagemugemu ebambisene noBingelela Mpanza kusukela ngo-9 kuya ku-12 njalo ngoMgqibelo.