Ezokungcebeleka

Ukhozi FM seliyazi uhlobo lomphathi elimfunayo

Philasande Luthuli

INHLANGANO yezokusakaza iSABC isiyazi ukuthi nguhlobo olunjani elimfunayo ukuyovala isikhala esavuleka kushiya uPearl Maseko-Binqose ngo-Okthoba.

UMaseko-Binqose wabe eqhoqhobele isikhundla esibalulekile engumphathi wezinhlelo.

Nakuba ubenonyaka nezinyanga efikile kuKhozi kodwa usule wajoyina uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke njengomkhulumeli kaNgqongqoshe uVelenkosini Hlabisa.

IPurpose izibonele ngawayo isikhangiso somsebenzi ngoMsombuluko lapho khona i-SABC ikhiphe isikhangiso somsebenzi ifuna ozophatha izinhlelo iminyaka emihlanu.

Ngale kweziqu, kufuneka umuntu onamava eminyaka eyisithupha kwezokusakaza, emithathu esesikhundleni esiphezulu.

Ukwamukelwa kwezicelo zomsebenzi kuvalwa ngoLwesithathu futhi akuveli ukuthi ozoqashwa uqala nini emsebenzini.

Kuyaziwa ukuthi njengamanje ukuthi kubambe uMandla Mdletshe esikhundleni.

Kwenzeka lokhu nje, kusanda kusula nomphathi wesiteshi salo msakazo uSbongi Ngcobo ogcine emsebenzini ngenyanga edlule.

Isikhala sakhe besingakakhangiswa.

Inhlangano yezokusakaza iphinde yakhipha isikhangiso sozophatha iSABC KwaZulu-Natal. Nakhona ukwamukelwa kwezicelo kuzovalwa ngoLwesithathu.

UNgcobo wayesolwa ngokuba undlovukayiphikiswa emsebenzini.

Umthombo ongaphakathi oKhozini FM uthe kukhonjwa yena ekuxoshweni kaNongcebo McKenzie noZandile Tembe.

Inhloko yezindaba zeSABC eKZN uBusani Mthembu, kumenyezelwe ukuthi uye ozobamba esokuba umphathisteshi kuKhozi FM kulandela ukusula kukaSbongi Ngcobo.

Kuyaziwa ukuthi ukuphatha lesi sikhondlakhondla kuhambisana nezinselelo nengcindezi evela kubalaleli.

Related Articles

Back to top button