Ezokungcebeleka

Umsindo ngokuqahswa kwaMayoghurt kushiywe abaphila saka!

Philasande Luthuli

USENUKA iqaqa umculi kaMaskandi uZanefa Ngidi ogxeke ukuqashwa komculi ophila nokukhubazeka uMayoghurt ngokunikezwa amathuba okuzibonakalisa emakhonsathini omculo.

UZanefa Ngidi odabuka KwaNgoni, KwaMaphumulo, uhlasele lo mculi waseMzimkhulu kungazelele muntu ezinkundleni zokuxhumana.

UNgidi ulibeke ngesihloko elithi abahleli bemicimbi yomculo, baqasha isidalwa esihlulwa wukucula, kuyekwa bona abanengoma enkulu, ethandwa ngabantu.

UNgidi uthi akazisoli ngenkulumo yakhe, futhi ubengaphuzile. Uthi uma befuna ukuqashwa bona nabanye abaculi, batshelwa ukuthi imali kayikho, kodwa uMayoghurt akaphuthi emicimbini ekubeni ecula ingoma encane.

“Abahleli bemicimbi bathi imali iphelile uma bengivalela emicimbini yabo, ekubeni abantu bewuthanda umculo wami. Imali kayipheli uma bemdabukela yena ngoba ekhubazekile. Kubuhlungu ukuthi kasiwatholi amathuba okujabulisa abantu ekubeni besithanda,” kusho uZanefa.

Ekhuluma kwenye yamaPodcast uthe wake wafisa ngisho ukuzinqamula imilenze naye khona ezoqashwa.

UMayoghurt, ngemuva kwale nkulumo, uthe unengekile ngokuhlaselwa kwakhe.

“Le nkulumo ayibanga yinhle ivela kumuntu engithi uwubhuti noma uwubaba. UZanefa ngumuntu esibukela kubona emculweni. Ayehlanga kahle neze kubantu abathanda uMayoghurt,” usho kanje kuBhanyazile TV.

Uqhube ngokuthi uqashwa nje yingoba abantu bayakuthanda akwenzayo.

“Baningi abantu abakhubazekile abasemculweni, kodwa abangalitholi ithuba lokuqashwa emicimbini. Lokho-ke kuyizinkomba zokuthi akusikhona ukuthi ngiyadatshukelwa. Abahleli bemicimbi bangibiza ngoba bebona isasasa lami kubantu. UZanefa kuzomele ayoxolisa ngale nkulumo yakhe kubahleli bemicimbi,” kusho uMayoghurt.

Kusasa ngoMgqibelo uzobe ahlangene nezinye izinkunzi eCarnival City lapho uKhuzani Mpungose ezobe enedili lomculo egubha iminyaka engu-15 esendimeni yomculo. Nakwi Dizaster Home Coming Music Festival ngomhla ka-20 Ephreli kwaNongoma eNgolotshe Sport Ground uqashwe ukuyonandisa uMayoghurt.

Related Articles

Back to top button