Ezokungcebeleka

UGuluva ubhekwe ngabomvu kwisicoco sika-2 million kuBig Brother

Bahle Mkhize

LUBHEKWE ngabomvu usuku lwangeSonto kwiBig Brother Mzansi edlala kwiDStv channel 161 nalapho abaningi bethwele ngeqoma u-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele (23) ukudla ubhedu.

Njengamanje kusele uJojo, Nate, Nsuku noSweet Guluva ongumfundi waseKapa obukeka eyintandokazi kwabaningi kuseason 5.

UGuluva ubenganakiwe ngabanye ahlala naye endlini ngesikhathi usaqala umdlalo kodwa ngokuhamba kwesikhathi ukwazile okuntshontsha izinhliziyo zabaningi.

Uzithole eseyimfivilithi yababukeli emakhaya ngendlela anogazi ngayo nokuthi ubenobudlelwano obuhle no-Ash-ley Ogle obekule ndlu.

Umjolo wakhe kukholakala ukuthi yiwo obujabulisa abantu wathola nenqwaba yabalandeli. Ngemuva kokuhamba kwa-Ashley uGuluva ukwazile ukuziveza yena uqobo nobunjalo bakhe.

Abaningi abasambuki njengomuntu odlala ngamantombazane kodwa wazakhela ugazi wazitholela nenqwaba yamavoti kubalandeli bakhe naba-Ashley imbala.

Isiteki salo mncintiswano siconsisa amathe njengoba kubekwe etafuleni isamba esingu-2 million kozodla umhlanganiso.

Abafisa ukuvotela lowo abamuzwa ngaphakathi bangangena kwiwebsite www.mzansimagic.tv/Big Brother balandele imigidu efanele.

Related Articles

Back to top button