
Indumalo uNgqongqoshe efica oyedwa vo eLibrary yasoLundi
UPHOXEKE ngosuku olukhulu uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, ofice umuntu oyedwa qwaba emtapweni wolwazi Olundi.
UKhawula uphawule ngalo mhlola ngesikhathi kugujwa usuku lwemitapo yolwazi ezweni, emcimbini obubanjelwe ePrince Mangosuthu Museum Olundi enyakatho yesifundazwe ngoLwesine.
“Ngizogqugquzela nje ukuthi amalibrary awabe nabantu amumathe. Lezi zincwadi zikhona laphaya, uma zingekho sitsheleni sinecala. Uhulumeni akayona incwasende okumele indlalelwe okhaphethi, uyisisebenzi senu. Ningamhloniphi ngokweqile nigcine senimsaba nenza okungesikho,” kuphawula uNgqongqoshe.
Kuzokhumbuleka ukuthi le ndawo ingezinye okugcinwa amagugu kuyo ikakhulukazi ezindaweni ezazincishwe amathuba ngaphambilini.
UKhawula uthi abantu bafuna ukugcina sebexoxelwa abantu bokuhamba ngezinto ezakhelwe bona.
UNgqongqoshe ubuye waphonsela inselelo amakhosi abethamele lo mcimbi okubala eyakwaNdebele, Ntombela, Mpungose nesithunywa senkosi yakwaButhelezi ngokuthi kumele avukuze isiko mpilo lokufunda.
Umbhali wemidlalo wethelevishini uMnuz Mandla kaNozulu ugqugquzele izingane ebeziqhamuka kuso sonke isifundazwe ukuthi zingaphezi ukuphupha.
“Abantu bangathi uqhamuka endaweni engaziwa yini ongayenza, khumbula ukuthi imifula emikhulu iqala iyimfudlana nje. Unelungelo lokuphupha izinto ezinkulu akukhathaleki ukuthi uqhamuka endaweni edeleleke kanjani. Umhlaba udinga amacebo wenu,”
Usomahlaya uMnuz Simphiwe Shembe naye uke wabeka phansi amahlaya wakhuthaza abafundi ukuthi bakholelwe emaphusheni wabo.
“Iqhinga liya kumuntu ofanele emazulwini ukuthi aphathiswe. Konke ke kuhamba ngakubili okuhle kuphelezelwa ngokubi,” kuphawula uShembe ngamafuphi.