
Uthuthuva ngombiko ‘odusayo’ wokuhanjiswa kwezidingo eThekwini
Bahle Mkhize
BAKHALA ngokudukiswa komphakathi abahlali abesezindaweni ezisohlwini uMasipala weTheku othi umkhankaso wokuhanjiswa kwezidingo, uthela izithelo ezinhle kuzona.
UMasipala ubale uward 89, 90, 93, 94, 95,96, 97, 98, 99, 100, 105 no-109, okuhlanganisa izindawo okubalwa iKwaMakhutha, Adams, eLovu, Amanzimtoti, Malukazi, Folweni, Ezimbokodweni, iSiphingo, nakwezinye izindawo.
“Abasebenzi balungise ingqalasizinda yamanzi, eyokuthuthwa kwendle, nekagesi, baqoqa udoti, bavala imigodi esemgwaqeni, baphinde bahlola amabhizinisi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ayayigcina imithetho. Kuphinde kwaboshwa abatholakale bengenazo izimvume zokuba kuleli lizwe. Lo mkhankaso uholwa abasebenzi base Siphingo Area Based Management Office,” kusho uMasipala.
Abahlali baseThekwini bathe akungadlalwa ngabantu bedukiswa ekubeni behlala osizini lweminyaka.
“EFolweni, Nsimbini nisivalele amanzi nithi siphila kanjani, kusukela ngonyaka odlule ngo-Okthoba asinawo amanzi kodwa nithule sengathi akwenzekanga lutho. Izimoto ezihambisa amanzi azikwazi ukusinikeza sonke ngoba amanzi aphela engakafiki kwezinye izindawo ngenxa yobuningi kwabantu,” kusho uZwe Fana Cele
“Abafikanga e-105 mungena ngoD1060 umgwaqo wethu oyigravel ufile imvula unemigodi, amanzi ke empompini aneminyaka engu-12 engaphumi empompini. Okusho ukuthi banibuyisela umbiko okungesiwo,” kubalisa uNomfundo Mafundie Clouds.
“Ayikho leyonto enishoyo kuward-100 ayikho into eniyenzayo angiphathike kulezi ndawo zombili Zwelibomvu nase Mangangeni musani ukudlala ngomphakathi,” kubhoka uMzwa Mzimela ekhasini laMasipala.