
UDuduzile ubezishutha amaselfie ecaleni lokutapa
USEYOZE abuyele eNkantolo ngo-Agasti wakulo nyaka uNkk Duduzile Zuma-Sambudla.
UZuma-Sambudla ongenye yamadodakazi kalowo owayengumongameli uJacob Zuma ubhekene necala lokuphehla udlame emphakathini.
Ufike ezikhululekele emamatheka edlube ingubo nezibuko ezimnyama nomshuqulo weqembu leMK Party eshutha namaselfie ungafunga ukuthi usemcimbini thizeni.
Icala belingene Nkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesine.
Ummeli wommangalewa u-Adv Dali Mpofu noYuri Gangai omele umbuso benze izethulo phambi kweJaji uCharmani Bolton.
Ummeli kammangalelwa uMpofu ufuna lihoxiswe leli cala njengoba ekholwa wukuthi linenhlese yepolitiki.
Kulindeleke ukuthi kufike usuku lomhla ka-14 ku-August iNational Director of Public Prosecutions (NDPP) isisithathile isinqumo ngokuthi umbuso unobufakazi obanele yini ukushushisa uNkk Zuma-Sambudla.
Okhulumela iNPA uMnuz Mthunzi Mhaga uthe ukholwa wukuthi umbuso unobufakazi obanele ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.
“Abammeli bammangalelwa bafake isicelo sokubuka izitatimende zofakazi bethu. Akukho thina ebesingakwenza ngoba kuyilungelo likammangalelwa. Kodwa-ke siyethemba ukuthi kuzoqala ukuqulwa kwecala ngomhla ka-10 kuNovemba,” usho kanje.
UNkk Zuma-Sambudla, oyilungu lePhalamende ngethikithi leMK Party, ubhekene necala lokuphehla udlame emphakathini nokuvukela umbuso elisuselwa ezigamekweni zangesikhathi sezibhelu zokutashwa kwempahla nokushiswa kwezitolo namadepho ngoJulayi ku-2021.