Ezokungcebeleka

UMiss Deaf SA 2024 enkingeni yemali engu-40 k

Liya Mseleku

USHAYA indeshengi ucela usizo uLisa Msiza onguMiss Deaf SA 2024 odinga uxhaso lwezindleko zokuyoncintisana kuMiss Universe.

Umncintiswano uzobe useBatumi, Georgia ngo-Okthoba kulo nyaka.

Le ndoni yamanzi (25) yaseSoweto, eGoli, isha amashushu ukulekelela umphakathi onenkinga yokungezwa ezindlebeni iphinde ibaqwashise ngezingqinamba ababhekene nazo.

“Ngifuna ukusebenzisa umqhele wami njengenkundla yokuletha uguquko ezimpilweni emphakathini jikelele. Inhloso ukuvula amehlo abanye abantu ngezinkinga ezikhona emphakathini wabantu abangezwa. Ngifisa bathole amathuba alinganayo kuzo zonke izindawo. Ngibala kwezemfundo, ekuqashweni nasempilweni jikelele nje. Ngifisa ukukhombisa ukuthi abantu abangezwa banamandla okwenza izinto ezinkulu futhi baphumelele. Kumele simeleleke futhi sijatshulelwe kuzo zonke izingxenye zempilo,” kuqhuba uMsiza.

Yize abahleli balo mncintiswano bezomxhasa ngendawo yokufihla ikhanda, ukudla nokunye kodwa udinga noma uR40 000 ngaphezulu ukulekelela kwezinye izindleko okubalwa ingubo, umshuwalense wokuya phesheya nendiza ezombuyisa ekhaya.

“Kusho lukhulu ukumenywa ukuthi ngiyobamba iqhaza kulo mncintiswano. Akusilo ithuba nje lokuziveza nokuphakamisela iflegi laseNingizimu Africa kodwa ithuba lokuqwashisa umphakathi ngenkinga esibhekene nayo emhlabeni jikelele,” kuqhuba uMsiza.

Le ntokazi ayigcini nje ngokumodela kodwa ikwazi nokudansa futhi usethweswe iziqu ezimbili.

Emndenini wakhe nguye kuphela owazalwa enale nkinga kwaba nzima njengoba abantu abaningi emphakathini bekwazi ukuxhukana ngokukhuluma.

Labo abafisa ukuxhasa uMsiza bangaxhumana naye kwi-email ethi Lisamsiza4103@gmail.com noma uWhatsApp +27 84 085 5769.

Related Articles

Back to top button