
IToyota Fortuner nolozolo lwezinongo oluyenza imfivilithi
ITHULWE okokuqala iGazoo Racing Sport (GR-S), okugqamile wukuthi okwenziwe kwiToyota Hilux sekwehlele kwiFortuner.
IFortuner ibisisele yodwa kweziningi zakwabo ukuthola ibhreki leGR-S elikhona kwiHilux, Land Cruiser GR-S neCorolla Cross GR-S.
IHilux GR-S iqale ukudayisa eNingizimu Afrika ngo-2019, ngaphambi kokuthi kulandele eyesibili ngo-2022. Ngonyaka odlule kufike enye iHilux ebizwa ngeGR-S III eshaya ngomzimba ovulekile.
Kuze kwenziwa eyesithathu nje, kwiFortuner bebengakaze baqale kuze kube yimanje yize lezi zimoto zifana ngokuningi.
Ngaphambi kokuthi singene kuyo, angikukhumbuze ukuthi iGR ihlukene kanjani.
Kukhona iGR Parts lapho amakhasimende engazithengela khona izinto zokuhlobisa nokushuna izimoto zawo.
Kulandela iGR-S lapho kwaToyota bengagcini ngokushuna kancane imoto kodwa bephinde beyithinta kancane ne-suspension nendlela ebambelela ngayo njengoba kwenzekile ezimotweni ezibalwe ngenhla.
Uma ukhuphuka lapho uthola iGR Performance okungezinamandla athe thuthu futhi ezihlukile indlela ezibukeka ngayo njenge GR86, GR Yaris, GR Corolla neGR Supra.
Esicongweni kuneGRMN omele uGazoo Racing Masters of Nürburgring okuyizimoto abakwaToyota abeveza khona wonke amangwevu abo okwakha izimoto zejubane. Kuleli bake baletha iYaris GRMN.
Uma sibuyela kwiFortuner, ifika ngemibala emibili kuphela okungomhlophe nomnyama.
Ngaphambili bayishintshe ubhampa nakwi-grille. Iphethe i-spoiler esimnyama, bayishintsha nakuma-fog lamp bese kuthi ngemuva yashintsha ne-diffuser. Inamasondo anamarimu angu-18 inch.
Ngaphakathi imnyama bese iba nemihlobiso ebomvu. Izihlalo zihlanganisa isikhumba ne-suede bese ziba nezitishi ezibomvu.
Umbala obomvu uyawufica nasesiteringini phezulu phakathi nendawo ukukhombisa amasondo ajike ngaphi bese iba nama-pedal e-aluminum.
Ngaphansi kwebhonethi amandla anyukile njengoba kunenjini efanayo njengakwiHilux GR-S. Ingu-2.8 GS-6 kadizili. Inamandla angu-165kW ne-torque engu-550Nm. Amandla angena kuwo wonke amasondo ngo-gearbox oyi-6 speed automatic.
Bayishintshe ama-shocks ukuze izoba ntofontofo futhi ibambelele
Intengo:
Toyota Fortuner 2.8 GD-6 4×4 GR Sport – R999 000.
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalombili noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.
Isolezwe