Ezokungcebeleka

Umsiki wengqephu ohlonishwayo eMzansi uthi gede kosaziwayo abawongoqo

UDavid Tlale uthi kunokufika osaziwayo bacele ukuthi abagqokise mahhala ngoba bezoya emcimbini thizeni

Siwe Shozi

UMSIKI wengqephu ohlonishwayo kuleli uDavid Tlale uthi usekhethe ukungasebenzisani nosaziwayo abathile ngoba bayaxhaphazana.
Ubekhuluma kwiPodcast kaMac G.

Lo msiki wengqephu oneminyaka engu-49 ubudala uthi akunqeni ukuthi kufike usaziwayo thizeni acele ukuthi amgqokise mahhala ngoba ezoya emcimbini othize.

Uthi ma ebuza ukuthi unamalini avele amutshele ngokuthi uzomkhokhela nge”PR” okusho ukuthi kukhona amanye amakhasikende azozibuka kulo saziwayo bese eyozithenga kuTlale.

“Ngivele ngidideke ngempela ngoba bayakwazi ukuya ezitolo ezifana nabo Diamond Walk, lapho uyaye uthole ukuthi bazothenga izimpahla zika R200 000 nakhona ezimbili vo kodwa kimina abafuni ukukhipha imali bafuna ngibanike izimpahla mahhala, “kusho uTlale.

UMac G umbuze ukuthi akakhulumi yini ngoBasetsana Khumalo noSavita Mbuli abagcina bengazwani nabo ngoba bekhala ngokumba eqolo kwakhe.

Uphendule ngokuthi vele uyabiza kulabo abangakwazi ukumelana nezindleko zakhe.

Eqhuba nokulandisa nengxoxo uveze ukuthi kusuke kusamele akhokhele izindwangu, abantu abaqashile abamsiza ukuthunga, ngapha umelwe ukukhokhela indawo ayiqashile asebenzela kuyona.

“Osaziwayo abaningi vele sinakho lokho kungazwani futhi bangasho noma yini ngami anginandaba,”. Benjalo abanqeni ukuthi bathi lengubo seyike yabonwa igqokiwe ngifuna ingubo engakaze ibonakale iqale ngami, lapho usho umuntu akaphethe mali,” kulandisa yena.

Uthi akafuni ukubabiza ngamagama kodwa iningi labo liyadlala ngaye. “La ngizama ukumaketha umkhiqizo waseNingizimu Afrika ukuze udume emazweni wonke omhlaba kodwa bona bangicekela phansi,” ebalisa.

Uyivale ngokuveza ukuthi labo sazisayo bayakwazi ukukhokhela ukwenza ikhanda, umthwebuli wezithombe nama nabaphaquli kodwa umsiki wengqephu cha. Angazi bezwa ngobani ukuthi lo msebenzi wethu siwenza mahhala noma lezingubo esizithungayo zidilika esihlahleni yini,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button