Indodakazi yomculi kaMaskandi ohlelweni olusha kuTV
IMommy Club Reunion iqophe umlando kuwo wonke amaReality shows adlala kwiShowmax
Sane Mseleku
INDODAKAZI yomculi kaMaskandi uNtombi Ngcobo-Mzolo ozalwa iHhashi Elimhlophe, uzobonakala maduze nje kuthelevishini ethula uhlelo oluvutha bhe iMommy Club Reunion.
Lolu hlelo lushaya ibuya ku-Season 2, luzoqala ukubonakala ngoJune-10 kwiShowmax.
IMommy Club Reunion iqophe umlando kuwo wonke amaReality shows adlala kwiShowmax ngokuthi kube iyona eba ngundabamlonyeni kwizinkundla zokuxhumana.
Isiqephu sokugcina kuSeason 2, sishube kakhulu ngesikhathi kutshelwana ezikabhoqo, kuxatshanwa kuthelwana nangama champagne. Labo mama babeka izindaba zabo etafuleni, ngakho kuningi okuzovela kwiReunion.
Okunye okuqaphelekile wukuthi sekuqenjukelwene, elinye iqembu lakhiwe uHermajesty noMrs Mops Elinye uNunurai, Ratile Mabitsela noMrs Sande, osanda kubonakala kwizinkundla zokuxhumana ezikhiphile noHermajesty ongale komfula. Bese kuba khona noNozipho Ntshangase ongakhethi hlangothi.
“Njengomlandeli futhi engiyithakaselayo iMommy Club, ngijabulile kakhulu ukuthula uhlelo lweReunion. Ngiyathinteka ngezindlela eziningi kulaba omama njengoba ngazi ukuthi kuyathokozisa kuphinde kube yinselelo ukuba umzali. Ubumama nobukhosikazi kuzovela kakhulu kulolu hlelo njengoba nami lingithinta. Njengabantu besifazane ziningi iziqgoko esiziqgokayo, inkulu indima esiyidlalayo,”. kusho uNtombi.
UNtombi wayeyingxenye yeqembu laMaskandi Amaponi, uphinde abonakale ohlelweni Ofuze kuMzansi Magic. Ofuze ilandela impilo yomndeni kaHhashi Elimhlophe.
Uthembise ukuwenza ngokucophelela lomsebenzi, ufuna kuhlale konke etafuleni njengoba engeke asabe futhi athathe hlangothi lamuntu.
Uqhubeke wathi akazokhetha bala lamuntu uzokwenza okulindelekile njengoba ezomela abalandeli. Uzozama ukulalela umama ngamunye ukuze kuphume isixazululo.
Ufisa bonke omama abazobukela bafunde okuthile komama ngamunye njengoba kukuningi ababhekana nakho.
Ephawula uZinzi Velelo Alakhe ongumdidiyeli omkhulu uthe: “Sikhethe uNtombi ngoba unekhono futhi uyakwazi ukukhulumisana nabantu aphinde abe usomabhizinisi, unawowonke amakhono esiwadingayo kulolu hlelo. Lama khosikazi anemibono eminingi futhi kuningi okwenzekile, ngakho ke uNtombi kumufanele ukwethula lolu hlelo.