
Injabulo kwabe Comrades Marathon bethola abaxhasi abasha
Umjaho weComrades Marathon iwona omukhulu kunayo yonke imijaho eNingizimu Afrika
Siwe Shozi
INHLANGANO ehlela umjaho weComrades Marathon imemezele ukuthi isinabaxhasi abasha.
Lesi simemezelo senziwe ngoLwesihlanu eGoli.
Isivumelwano soxhaso oluphakathi kweComrades Marathon Association (CMA) kanye nenkampani yakwa Cell C eseminyaka emine.
Lesi simemezelo senziwe ngoLwesihlanu eGoli.
Umjaho weComrades Marathon iwona omukhulu kunayo yonke imijaho eNingizimu Afrika.
USihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo uzwakalise ukujabula okukhulu.
“Siyajabula kakhulu ukuthi sesizobambisa nale nkampani yamaselula, lokho kukodwa nje kusho ukuthi bayayiqhakambisa indaba yezokusubatha” usho kanje.
Kusenjalo nesikhulu esiphezulu kwaCell C uJorge Mendez uzwakalise okukhulu ukujabula ngalesi sivumelwano sabo nabe Comrades Marathon.
“Ukuxhasa iComrades Marathon kuthina kusho ukuqhakambisa amaphupho abagijimi nokuthi bafike ezingeni eliphezulu.” kuphawula uMendez.
Uphinde wathi ababona nje abaxhasi kuphela kodwa bazibophezele ekutheni balekelele ekutheni bakhulise amaphupho baphinde bafezekise nekusasa labasubathi.
Kulo nyaka iComrades Marathon ingoJuni 9 izosuka eThekwini eDurban City Hall ngo-5:30 ekuseni iyophelela ePietermaritzburg eScottiville Racecourse.
Kulo nyaka iComrades izobe ihlanganisa iminyaka engu-97 yasungulwa kanti seyekhiqhiza izihlabani eziningi kuleli naphesheya kwezilwandle.
Ngonyaka odlule kwanqoba uTete Dijana kwabesilisa eshaya intambo emuva nje kwamahora amahlanu, imizuzu ewu-13 kanye nama sekhendi angu-58.
Kwabesifazane kwanqoba uGerda Steyn yena waqeda emuva kwesikhathi esingamaHora amahlanu, imizizu engu-44 kanye namasekhendi angu-38.