EyoSuthu nokungena kwiTop 8 izocaca ngeSonto elizayo
Siwe Shozi
AMAZULU F.C alwela ukubalwa namaqembu azokwazi ukungena kwiTop 8 emuva kokuguqisa iSekhukhune United ngegoli elilodwa.
Lo mdlalo ubudlalelwa e-Old Peter Mokaba Stadium izolo.
Igoli loSuthu lingene ngesiwombe sokuqala, livalelwa enethini uTshepang Moremi.
Ukuwina kwaleli qembu laseThekwini bekuchaza ukuthi lizosuka endaweni yesi-12 linyukele kunombolo-9.
Bayalingana neqembu laMakhosi njengoba benamaphuzu engu-35 bonke.
Iqembu leSekhukhune lona libe selehlela endaweni yesithupha, lisuka kunombolo-4.
Lokho ke kuchaza ukuthi uSuthu lisenalo ithemba lokungena kwiTop 8 njengoba umdlalo wabo wokugcina bezowudlala nomakhelwane Abafana Bes’thende.
Lowo mdlalo kuyomele bawuwine kumnyama kubovu.
IBabina Noko okuyisiteketiso seSikhukhune United izoyivala iLigi ngokuhambela eNelson Mandela Bay, nalapho izotholana phezulu neChippa United.
Iqembu leCapeTown City lona lilale lihleka lodwa njengoba liguqise iRichards Bay FC ngamagoli amathathu kwelilodwa.
ICape Town City ihlezi kahle endaweni yesikhombisa okusho ukuthi isizibekele indawo kwiTop 8.
Inamaphuzu engu-42, AmaKhosi asele ngemuva ngemuva ngamaphuzu ayisithupha.
Le miphumela ibeke iRichardsbay engcupheni ngoba ichaza ukuthi uma bengase behluleke ukuguqisa iStellenbosch FC ngoMgqibelo bazoya kodlala ama-play off.
Imiphumela yayizolo kuDstv Priemership:
Cape Town City 3: 1 Richards Bay FC
Lamontville Golden Arrows 1:1 Cape Town Spurs
Sekhukhune United 0:1Amazulu FC
Supersport United 2:0 Moroka Swallows
Royal AM 0:0 Chippa United
Kaizer Chiefs 0:0 Polokwane City
TS Galaxy 1:0 Orlando Pirates
Stellenbosch FC 0:1 Mamelodi Sundowns