Izindaba

Usejika nelanga uthisha othumele umphambili wakhe kumfundi wesikole 

Ngemuva kokuxoshwa kwalo thisha, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, usamukele isinqumo esikhishwe wumkhandlu owengamele amacala okuziphatha kothisha

LIGCWALE umoya ibhantshi kuthisha (39) wesilisa waseGroutville High School, KwaDukuza, obebhekene necala lokuthumela umfundi izithombe zakhe, emkhombisa isitho sakhe sangasese.

Ngemuva kokuxoshwa kwalo thisha, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, usamukele isinqumo esikhishwe wumkhandlu owengamele amacala okuziphatha kothisha, i-Education Labour Relations Council (ELRC) sokuxosha lo thisha eliligodliwe igama lakhe.

Ulahlwe yicala lokuthumelelana nomfundi wakulesi sikole izithombe zakhe eziveza isitho sakhe sangasese, wabe esecela ukuthi umfundi amthumelele ezakhe ezakhe.

Kubikwa ukuthi leli cala laqala ukuhlala kulo mkhandlu eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi ‘kuputshuka’ ukuthi lo thisha wathumelelana nomfundi wakwaGrade 11 izithombe eziveza isitho sangasese.

Umbiko we-ELRC uveza ukuthi ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwecala, umfundi uthi waqala ukukhuluma nothisha enkundleni yokuxhumana iWhatsApp kwaze kwaba indaba yabo ibanjwa nguyisekazi. Uthi ukuxhumana kwabo kule nkundla kwaqala kahle ngezinto zesikole, kwaze kwaba wukuthi uthisha umtshela indlela azizwa ngayo ngaye.

Kuvela ukuthi nakuba babengakathandani, kodwa umfundi wayeyithanda indlela uthisha ayemunaka ngayo esikoleni.

Kuthiwa wayemthengela izipho, okubalwa noshokoledi okwakumele awulande ehhovisi lakhe (uthisha). Lo mbiko uveza nokuthi ngaphambi kokuba baqale ukuthumelelana izithombe nokuba ‘sebudlelwaneni’, bavumelana ngokuthi ngeke baye ocansini, bazogcina ngokukhuluma ngalo ocingweni.

Ebufakazini bukayise womfundi kuvela ukuthi ngemuva kokuthola lo mbiko, wanikela kuthishanhloko, wacela amxhumanise nothisha ukuze amchazele izinhloso zakhe ngendodakazi yakhe. Uthi uthisha waxolisa, wathi uyalibona iphutha lakhe.

Ethula ubufakazi bakhe uthisha, uthi akakaze abe nobudlelwano nomfundi futhi ngelanga okuthiwa wabanjwa ngalo, umfundi wayengakaze alusebenzise ucingo, kwazise ungumuntu ongajwayele ukusebenzisa iWhatsApp.

Akusho ebufakazini kuhlukile kunalokhu okuthiwa wakubhala esitatimendeni evuma ukuthi konke uyakwazi futhi ucela uxolo nokunikwa elinye ithuba. Uthi ngesikhathi ebhala lesi sitatimende, wayedidekile ngenxa yokuzwa ubuhlungu futhi enganikwanga ithuba lokuxhumana nenyunyana yakhe ebeyimumele kulolu daba.

Uthi ukholwa wukuthi kukhona osebenzise ucingo lwakhe ukumbophela amanqina enyathi. Ethula isinqumo obengamele lolu daba, uMnu Raj Shanker, uthe uyabukholwa ubufakazi bomfundi, uchitha obukathisha. Uthi isenzo sikathisha siwukwephula umthetho ka-1998 wokuqashwa kothisha, kanti isijeziso salokho wukuxoshwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthi umnyango uyasemukela isinqumo. Uthi unethemba lokuthi lokhu kuzoba yisifundo nakwabanye abasacabanga ukwenza lesi senzo.

Okhulumela iSouth African Council of Educators (SACE) kuzwelonke, uMnu Rusina Nkuna, ucele ukuthi abuye afonelwe. Ngemuva kwalokho, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Ilanga langempelasonto

Related Articles

Back to top button