Ezokungcebeleka

Abawuvali umlomo ngevideo yocansi kasomabhizinisi odumile nobeyintombi yakhe

Sane Mseleku

IYAQONGA ingcindezi kwizinkundla zokuxhumana ukuthi akaboshwe uThemba “Grootman” Selahle kulandela ukuputshuka kwevideo benqunu belungiselela ukwenza ucansi nowayayejola naye uGcinile Twala.

Laba bobabili bese bezakhele udumo nabalandeli ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokuthi bebenekela izwe ngempilo yabo ebukhazikhazi.

UGrootman ubehlezi esezindabeni ngebhizinisi lokuhweba ngeForex kokunye esolwa ngokuqola abantu.

Le ntokazi ibilokhu imi naye imeseka.

UGcinile yena wenza umsebenzi wokucwala abantu ubuso.

Kubikwa ukuthi into ecike kakhulu uGrootman wukuthi uGcinile usethole uthando olusha kwenye indoda.

Kwizinkundla zokuxhumana iningi lisola uGrootman ngokuputshuza levideo.

Abantu abaningi bakhombise ukudinwa okukhulu bafuna kwenziwe ubulungiswa.

Abanye baveze ukuthi vele uGrootman unomlando omubi wokuhlukumeza.

UGcinile kwizingxoxo abenazo noGrootman kwiWhatsApp ayikhombise abalandeli bakhe kwi-Instagram uveze izinkulumo lapho le nsizwa imsabisa ngokudedela la mavideo.

Le video eyimizuzwana engu-55 iveza le ntokazi inqunu imunca isitho sangasese saGrootman.

UGcinile ubuye abonakale esehlezi esihlalweni eneke inanazi eshefiwe eyiphulula ngeminwe enezinzipho ezinde zokufakelwa. Aphinde azikope, kulowo mzuzu uyisantuze yonke njengoba injalo.

Ngakolunye uhlangothi le nsizwa nayo ilokhu iziphululala ubuntu bayo mawala ungafunga ukuthi ikhokha isibhamu ukuyobhekana nempi.

“UGrootman uyingozi kuGcinile, uma le video ingewenzanga umonakalo abefisa wenzeke ngimbona enza izinto ezisebekayo njengokuthi ambulale. Ngicabanga ukuthi ilolu hlobo oluthi uma engesiye owami amukho omunye ayomthola,” kuphawula uNabela Bilankulu enkundleni yezokuxhumana iX.

UKumkanikazi kwiX uthe: “NgoMgqibelo uGrootman wabhala ukuthi angase anameke izithombe zikaGcinile namhlanje ifoni yakhe isihekhiwe, kufuneka uGcinile ayovula icala ngoba kuseyisiqalo lesi.

KwiWhatsApp Status sakhe emahoreni ambalwa edlule uGrootman ubhale kanje: “Yingakho ngithe kunamathuba. NgeSonto uye kanye (Gcinile) obefuna ukusabalalisa lama video. Uma bengifuna ukudedela la mavideo bengizozenzela mina. Angisabi lutho,” kusho le nsizwa phakathi kokunye ekubhalile.

Umthetho waseNingizimu Africa uthi noma ngubani otholakale enecala lokusabalalisa levide angabhekana neminyaka emibili ebhadla ejele noma akhokhe isamba esinguR150 000.

Uma umgilwa evela ubuso lokho kusho ukuthi umenzi wobubi angahlawula uR300 000 noma abhadle ejele iminyaka emine.

Related Articles

Back to top button