
OweMK ucacisa ngoZuma kulandela ukuchithwa yinkantolo
KWANDE kaZIKIZA
KUNXUSWE abalandeli be-MK Party ukuthi behlise amaphaphu njengoba iConstitutional Court ichithe uMnuz Jacob Zuma ukuthi engayimela okhethweni lukazwelonke ngomhla ka-29 kule nyanga.
NgoMsombuluko le nkantolo enkulu ezweni ikhiphe isinqumo sokuthi uZuma akumfanele ukuthi angenele ukhetho ingakapheli iminyaka emihlanu ngoba ngaphambilini wake waboshelwa amacala kwakhishwa isigwebo sezinyanga eziyi-12 ebhadle ejele.
Le nkantolo yamthola enecala lokuyidelela ngesikhathi kumele avele kuyo ngokomyalelo weZondo Commission eyayimatasa nosopolitiki nosomabhizinisi ababesolwa ngokugwamanda amandla ombuso bezitapela ngamathenda.
Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo uNobhala Jikelele we-MK Party uSihle Ngubane unxuse amalungu eqembu asekhathazekile ukuthi mawahlise amaphaphu ngoba “uZuma nguye osengumholi”.
“UJacob Zuma uzosicacisela ngegxathu elizothathwa njengoba sekuphume lesi sinqumo kodwa ngasohlangothini lwethu, sisaneme ngokuthi usangumholi wethu. Akukho ebesikuhlelile kodwa uJacob Zuma, njengomholi wethu, uzosicacisela ngomhlahlandlela weqembu lakhe,” kusho uNgubane.
Abalandeli baleli qembu elisungulwe ngenxa yokungezwani phakathi kwalo ne-ANC, babonakale ngaphandle kwenkantolo bedlubhe imifaniswano yeqembu labo.
Ezinkundleni zokuxhumana sekuvele ukuthi abalandeli sebeqala ukudideka njengoba bengasazi ukuthi umholi wabo owake waba umengameli waseNingizimu Afrika usayingxenye yeqembu yini.
IMK Party ifolosa ngaye njengoba kunesithombe sakhe ezingqwembeni ezisabalele izigxobo njengoba kukhankaswa.