UMakhadzi uphawula ngokuqokwa okokuqala kuma BET Awards
Ikhono lokudansa nomculo wakhe limphendlele indlela waqokwa emkhakheni weViewer’s Choice:Best New International Act
KWANDE kaZIKIZA
UMAKHADZI owaziwa ngeDance Queen, uthi ukuqokwa kwakhe kuma BET Awards kumele kugqugquzele intsha yasemakhaya ukuthi izinikele kukho konke kwekwenzayo.
Lo mculi, ogama lakhe langempela nguNdivhudzannyi Ralivhona, udabuka endaweni yasemakhaya eHaMashamba eVenda eLimpopo.
Ikhono lakhe lokudansa nomculo wakhe umphendlele indlela waqokwa emkhakheni weViewer’s Choice: Best New International Act. Lo mncintiswano ubalwa nemikhulukazi endimeni kaqedisizungu.
UMakhadzi uyaqala ukuqokwa kuma BET Awards.
Uzobanga nomunye umculi wakuleli uTyler ICU oyi-producer yamaPiano, uSeyi Vibez ongumculi waseNigeria, oBellah noCristale nomrepha uDuquesa, intatheli ebhala ngomculo nayo futhi engumculi uHolly G baseBritain, uJungeli ongumculi waseFrance nomrepha u-Oruam.
Ekhuluma kuRadio 2000 ohlelweni iBig Breakfast Show ngesikhathi ethula i-single yakhe entsha esihloko sithi Number 1, uMakhadzi uthe.
“Ngifuna ukuthi lokhu kunakwa komsebenzi wami imincintiswano emikhulu njengama-BET kugqugquzele intsha yasemakhaya lapho izinto zinzima khona ukuthi uma uzinikela emsebenzini wakho nokuhlonipha abantu, uNkulunkulu uyalifeza iphupho lakho. Eqinisweni bengingakaze ngibone umculo wami uthandwa phesheya kwezilwandle ngoba uma ngijeqeza emuva, ngithwale kanzima. Ngangicula ema taxi rank, ngidayisa ama CD emigwaqeni ngabuye ngahlukunyezwa izinkampani ebengiqopha kuzo nokuningi nje. Kuyangithokozisa ukuthi sengilihambile leli banga njengoba sengilapha manje,” usho kanje.
Uma ebuya nayo indodo uMakhadzi uzobe elandela omkhaya bakhe oSjava, Sho Madjozi noBlack Coffee abahlabana nendondo yeBest New International Act eminyakeni eyedlule.