Kubekwe izaba begqoza ekuvaleliseni u-Itumeleng Khune
U-Itu ufakwe sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele engena endaweni kaBruce Bvuma
KWANDE kaZIKIZA
KUBEKWE izaba zokuthi abalandeli beKaizer Chiefs hleze kade behambele imihlangano yamaqembu ezepolitiki njengoba bengaphumanga ngobuningi bezovalelisa u-Itumeleng Khune ngoMgqibelo.
IChiefs imemezele ngoLwesine ukuthi umdlalo weLigi nePolokwane City e-FNB Stadium ngowokugcina uKhune edlubhe ijezi layo.
Lo mdlali, odabuka eNorth West, usehlale iminyaka engu-25 kwiChiefs njengoba afikela kuyo enkulisa.
Amasizini ayi-11 uwadlale eqenjini elikhulu alisize ukunqoba izindebe eziningi waze waqokwa njengokapteni. Leli bhande ubuye wanikwa lona nakwiBafana Bafana.
Sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele, uKhune, oneminyaka engu-36, ufakiwe endaweni kaBruce Bvuma. Umqeqeshi waMakhosi uCalvin Johnson, ohlulekile ukutholela ezakhe amaphuzu agcwele njengoba iPolokwane ibabambe ngo 0-0, uthe uphoxekile ngokuthi bengafiki abalandeli ukuzobonga uKhune ngeqhaza alidlalile kuleli qembu laseNaturena.
“Kodwa-ke nokho ukungafiki kwabalandeli ngobuningi hleze kwenziwe ukuthi amanye amaqembu ngalolu suku amatasa nemikhankaso yepolitiki kwazise ukhetho lukazwelonke selusemome,” kusho uJohnson.
Njengamanje akwaziwa ukuthi imuphi umsebenzi uKhune azonikwa wona kodwa kuvela ukuthi kungenzeka asebenze emkhakheni wezokukhangisa kwazise unabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana.