Ezemidlalo

U-Itumeleng Khune uthi khumu kwiChiefs ebhedelwa izinto

Amakhosi ahlezi endaweni yesishiyagalombili, namaphuzu angu 35

Siwe Shozi

IKaizer Chiefs lizokwamukela iqembu lePolokwane City kusasa eFNB Stadium, womabili lamaqembu alwela indawo yeTop 8 kwi Ligi.

Amakhosi ahlezi endaweni yesishiyagalombili, namaphuzu angu 35. IRise and Shine nayo inamaphuzu angu 35, umehluko nje amagoli.

IChiefs neRise and Shine akuyona kuphela elwela ukuthi iqede kunombolo 8, neMoroka Swallows ehlezi kunombolo 13 nayo igaqele ukugena kuTop 8 njengoba behlukaniswe amaphuzu amathathu.

Izolo Amakhosi aqinisekisile ukuthi bazohlonipha lesi sihlabani sebhola njengoba nje sesidlale iminyaka engu-25 kuleli qembu.

UKhune uzobe edlalela ekhaya umdlalo wakhe wokugcina wakule sizini.

Lo mdlalo ulindeleke ukuthi ubenomunyu kubalendeli baMakhosi nakubathandi bebhola lezinyawo.

UKhune uyena kuphela umdlali wokuqala emlandweni weKaizer Chiefs ochithe isikhathi eside eNaturena njengoba esehlale iminyaka engaphezulu kuka 25. Uhlale iminyaka engu 5 enkulisa kanye nengu 20 eqenjini elikhulu.

“Sinxusa abalandeli abazinze eGoli nalabo abangakwazi ukuphumelela ukuthi bafike bazogcwalisa iFNB Stadium ukuzoseka sihloniphe lesi sihlabani simubonge nje ngeqhaza alibambile eqenjini,” kubhale iqembu laMakhosi ezinkundleni zalo zokuxhumana.

Isiyonke imidlalo kaKhune ayidlalile kuMakhosi ingu-281, waphakamisa izindebe ezintathu zeLigi, ezimbili zeNedbank Cup, ezintathu zeMTN 8 kanye nezine zeTelkom Knockouts.

Akugcinanga ke lapho ngoba wazakhela igama nakwi qembu lesizwe iBafana Bafana lapho edlale khona imidlalo engu 91.

Related Articles

Back to top button