Amaphoyisa aseKZN aqothe ngenhlamvu abasolwa abane eCamperdown
Akusona isigameko sokuqala lesi ukuthi amaphoyisa athele othulini isibalo sabasolwa abaningi ngesikhathi esisodwa
Bahle Mkhize
KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa abane emuva kokubhekana ngeziqu zamehlo namaphoyisa eCamperdown, kwaZulu-Natal.
Lesi sigameko senzeke entathakusa yangoLwesine kanti amaphoyisa asale acosha izibhamu ezintathu zabasolwa.
Ngokubika kwe-eNCA labasolwa bebefunelwa amacala okubamba izimoto zemali namanye.
Ithimba elilahle phansi ngenhlamvu laba solwa beliholwa yiDPCI provincial tracking team and anti-gang unit, Durban TRT, SAPS PMB K9, Metro Police ORS neMagma Security and Investigations
Akusona isigameko sokuqala lesi ukuthi amaphoyisa athele othulini isibalo sabasolwa abaningi ngesikhathi esisodwa.
Ngo-Ephreli amaphoyisa adubula abulala abasolwa abane. Kwabikwa ukuthi ayegagazisana namaphoyisa ngezibhamu kwaDesai, ePinetown. Kwaphunyuka abasolwa ababili babaleka, bonke labasolwa kwabikwa ukuthi babehlalise lubhojozi umphakathi.
NgoMashi kwaba yisimo esifanayo amaphoyisa edubula abasolwa abane eCato Crest, eThekwini. Bona babefunelwa amacala okubalwa, ukuphanga kuhlonyiwe, ukubulala namanye.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJanuwari amaphoyisa elahla phansi ngenhlamvu abasolwa abayisishagalolunye eNanda. Nakhona kwabikwa ukuthi bazwana amandla namaphoyisa kanti kuzoshoda izinhlamvu nobuchule zakhala.
UNqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele usanda kukhipha izibalo zobugebengu nalapho kuvele khona ukuthi eKZN iNanda, Mlaza noMashu bahamba phambili ngamacala obugebengu.
Amaphoyisa abengakaphawuli ngelesi sigameko saseCamperdown kwasize senzeke entathakusa ngoLwesine.