Umndeni kaP Diddy amacaleni okunukubeza ngokocansi
UChristian Combs (26) oyindodana kasaziwayo uSean ‘Diddy’ Combs ubhekene necala lokunukubeza ngokocansi. Leli cala lenzeka emkhumbini ngoDisemba 2022.
UDiddy nendodana yakhe babhekene nalamacala avulwe ngoLwesine odlule enkantolo enkulu eLos Angeles.
UDiddy umculi odume umhlaba wonke ubhekene nenqwaba yamacala okunukubeza. Losaziwayo uthelekelwe abomthetho iFederal Agents emzini wakhe ngomhla ka-25 Mashi kulonyaka. Bebheka ubufakazi obumayelana nokunukubezwa kwabesefazane ngokocansi.
UGrace O’Marcaigh uthe uhambo lwase St. Martins bekuwu hambo lokungcebeleka komndeni kodwa laphenduka usizi.
Ugxeka uDiddy ngokuhluleka ukulawula uhambo njengoba ayethembise uhambo oluphephile.
Abomthetho bathi owesifazane ukuqinisekisile ukuthi uChristian Combs wamuphoqa lowesifazane ukuthi aphuze utshwala. Kusolakala ukuthi wabe efake okuthile okuyisidakamizwa. Ngemumva kwalokho wabe esemnukubeza ngokocansi waphinde wamshaya.
U-O’Marcaigh uthe uhlukumezeke kakhulu enqondweni nase mzimbeni ngenxa yalesehlakalo.
U-Aaron Dyer ongummeli kaChristian noDiddy uthe bayaziphika izinsolo abathweswa zona ngumthetho. Uthe bazofaka isicelo sokuphikisana nezinsolo, u-Dyer etshela abakwa E!
Phambilini u-Dyer uthe kumoshwe izinsiza kusebenza zabomthetho ngesikhathi kuphuma amaphoyisa eyogasela emzini kaCombs.