
I-Orlando Pirates isike kwelinonile kuMaZulu FC
Sekuvele ukuthi i-Orlando Pirates seyiqede konke nomdlali waMaZulu FC osekunesikhathi imzingela.
I-Orlando Pirates kubikwa ukuthi isayinise uRiaan Hanamub ongumdlali wasemuva kwesokunxele waMaZulu ophinde adlale naseqenjini lesizwe laseNamibia.
AmaBhakabhaka sekuphele unyaka amataniswa nalo mdlali oneminyaka engu-29.
UHannamub ube ne-Africa Cup of Nations enhle ngoJanuwari kanti ukudlala kwakhe kungenzeka yikho okwenze iPirates iphindele Osuthwini iyomfuna.
Ngokubika kwePhakaaathi, kufinyelelwe esivumelwaneni phakathi kwaMaZulu ne-Orlando Pirates kanti uHanamub uzojoyina iBucs ngesizini ezayo.
“Engingakutshela kona wukuthi isivumelwano nePirates sekufana nokuthi sesiphothuliwe,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“IPirates ibilokhu imqaphile futhi isifinyelele esivumelwaneni naMaZulu ngoba kunento angayikhetha enkontilekeni yakhe.
“Uyabona kule sizini umqeqeshi uJosé udlalisa u(Deon) Hotto emuva kwesokunxele kanti bafuna umuntu onekhono lokumaka.
“Njengokujwayelekile, iPirates iyoze yenze isimemezelo ngaye ekupheleni kwesizini kodwa yona isimsayinisile.
“Okuhle wukuthi naye udlala naye uHotto eqenjini lakhe lesizwe ngakho banokuqondana okuhle.”
Ngonyaka odlule lo mdlali wasemuva waseNamibia wazwakalisa isifiso sakhe sokudlalela iqembu elikhulu.
Lo mdlali owake wagijima kuChippa United uphinde waveza ukuthi ujabule eqenjini lakhe Usuthu.