
IJozi FM ihlele isiphihli sephathi yamukela uPenny Ntuli
Liyah Singela
IJOZI FM izokwenza isiphihli sephathi yokwamukela uPenny Ntuli (27) iphinde igubhe usuku lokuzalwa lwakhe ngeSonto.
IJozi FM imphathise okweqanda uPenny owashiya kwiGagasi FM ngoba imnika inkontileka yaR2800 ngenyanga. Kulokhu zizobe ziduma ngeSonto,
eMeadolands West Zone 6, eDisoufeng Pub. Sekumane kwachwaza ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhe ikakhulukazi baseKZN, bethi “siyeza”.
Lomsakazi oyintandokazi kwabaningi udabuka eMlazi, eThekwini.
USambulelosenkosi Mpangazitha ubhale ukuthi: “Abaqashi kumele bafunde izinto ezimbalwa kwiJozi FM. Bayabanakekela abasakazi babo. Lento yenza ukuthi noma uvuka ekuseni unganqeni ukuya emsebenzini. Indlondo yama R2.8 K lena phansi emjondolo danko,” usho kanje.
kulomcimbi kuzobe kunandisa uThemba TT, Happy Matt, Njomame, Carbie K, Soul Spice, Black Pat, Hloni Legabe no Bunexo DJ
Khonamanjalo iBONA Magazine isiveze ukuthi abanye abasebenzi beJozi FM bayanengeka ukubona uPenny Ntuli osanda lufika ephathiswe okweqanda abaqashi.