Ezokungcebeleka

Umlingisi obesephila ngo-R350 uthungathwa uDuma Ndlovu

Liyah Singela

IDuma Ndlovu Actors Academy isihlabe umkhosi icela ukuxhunyaniswa nomlingisi Carlo Radebe.
“Simatasa sithungatha uMunz Carlo Radebe. Noma ubani ongaba nolwazi sicela asithinte kuyaphuthuma,” kubhalwe kanje ezinkundleni zezokuxhumana.

Esikhathini esingengakanani kusabalale imibiko yokuthi uCarlo Radebe, ubhekene nezinkinga zezimali. Lo makadebona womlingisi wazakhela igama kwiBackstage elingisa indawo kaDuke. Waphinde wazakhela ugazi edlala kahle indawo kaSello Mvuyane ku-Generations.

Ezakamuva zithi uphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni engu-R350 nyanga zonke. Lezi ndaba zidalulwe umngani wakhe uMauritz Neethling kuFacebook.

“Ngicela kunina nonke eninezinhliziyo ezinhle ukuthi nisize umngani ongakwazi ukuzisiza. Njengamanje udwanguza ebumnyameni futhi uselahlekelwe ithemba. UCarlo Radebe waziwa njengomlingisi, udinga usizo ngendlela eyisimanga,” kusho uMauritz.

UMauritz uphinde wacelela lensizwa indawo yokufihla ikhanda, airtime, nomnikelo ongakwazi ukuyivusa njengoba ishayekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi izimboni nemikhakha yezokulingisa yavalwa thaqa isikhathi eside kuhlasele ubhubhane iCovid19. Kuthiwa kulaphoke zaqala khona izinto ukubheda empilweni yakhe.

UDuma Ndlovu uyahlonishwa kulendima kaqeda isizungu. Usekhiqize imidlalo eminingi okubalwa kuyo uMuvhango, Uzalo neMbewu esanda kuphela.

UQuinton Mlaza ubhale kuFacebook ukuthi ufisa sengathi angasheshe atholakale ukuze aqale ukusebenza njengoba ekhumbuleka kuthelevishini.

 

Related Articles

Back to top button