EzokungcebelekaIzindaba

Uhlelo oluhehayo kwaNetflix ngoHarry noMeghan

INetflix iqinisekisile ukuthi inkosana yamaNgisi uHarry nonkosikazi wayo uMeghan bazodedela olunye ulozolo lwezinhlelo ezimbili ezizobe zikhukuma ngempilo yabo.

Lezi zinhlelo zizoqoshwa yinkamani yabo i-Archewell Productions. Kubikwa ukuthi basayina isivumelwano semali engango 100m£ phambilini. Isiqephu sokuqala sizobungaza impilo kaMeghan, ukupheka, ingadi, ezobumnandi kanye nabangani.
Kuvezwe nokuthi usengene emkhakheni omusha kwelinye ibhizinisi elibizwa nge-American Riviera Orchard.

Laba bashadikazi sebeke baqopha neNetflix izinhlelo ezimbili ngo-2020 nokuyilapho kwaqala khona ukusebenzisa. Uhlelo iHarry & Meghan yiyo eyabakhela ugazi kwazise yayikhombisa ngobudlelwano babo, nezizathu ezabenza bafudukela e-United States of America (US) bashiya impilo yasebukhosini bamaNgisi nobukhazikhazi bakhona.

Olunye uhlelo okuzobe kuhamba phambili uHarry luzoshuthelwa e-US Open Polo, Championship eWellington, Florida. Kuyaziwa ukuthi uHarry uyazifela ngomdlalo wePolo asewudlale iminyaka eminingi. Kulolu hlelo uzobe eveza okungavezwa ngempilo yabadlali abakhokhelwayo.

Kanti londlalo uzowusebenzisa ukuqoqela inhlangano ebizwa ngeSentebale izimali. ISentebele bayakha ngokubambisana noHarry uSeeiso wase Lesotho no-2006 ukusiza izingane ezihaqwe ububha nesifo iHIV/AIDS eningizimu nezwekazi i-Africa.

IDuke neDuchess of Sussex yibo abadidiyeli abakhulu balezi zinhlelo. Usuku oluqondile lokukhipha lomsebenzi luzokwaziswa umphakathi ezinyangeni ezizayo.

Related Articles

Back to top button