
Umlando kwiDurban July amabhinca ehlomula ngemarquee
Kuzoqopheka umlando eThekwini ukuthi kube ne-marquee yamabhinca.
Kuzobe kudlalwa futhi kugidelwe nomculo weSintu kwi-Hollywoodbets Durban July yalonyaka ezoba ngomhla ka-5.
Kulo mcimbi amabhinca ahlelelwe i-Halisi Afrique ne-Fast and Quick Consulting.
Kuzonandisa u-Mthandeni “Igcokama Elisha”, uMawhoo, uSminorf, uLimit Nala kanye nabomculo wekwaito uMdu Masilela, DJ Merlon nabanye.
“Sifuna ukukhombisa ukuthi uMaskandi nawo ufanele iziteji eziphakeme njengalesi,” kusho uPhindile Zulu, uMqondisi weHalisi Afrique.
ULindani Gumede, uMqondisi weFast and Quick Consulting oqhamuke nalelicebo le-Durban July Amabhinca, uthe:
“Sijabule kakhulu ukuthi ekugcineni sesi nesikhala sethu kwi-Durban July, singaguquli amasiko ethu. Siyabonga Halisi Afrique ngokusebenzisana nathi kulolu hambo olusha.”
Uhlelo lwenzelwe ukubungaza isiko, ubuhle, nobungcweti bukaMzansi ngombukiso obonakalayo, ukudla okuthokozisayo, nomhlobiso we-Afrocentric ophelele.
Khonamanjalo, intaka ibekelwe amazolo ngomtelebhelo wamahhashi kwiDundee July, ehlelwe kuMasipala iNdumeni ngomhla ka-19.
Lo mcimbi odonsa amehlo ngisho nangaphandle kwaseNingizimu Africa Uthulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili.
Kulokhu isiteki sinyukile njengoba siwu R3.1million kanti kungenzeka sikhuphuke njengoba kunosomabhizinisi okusaxoxiswana nabo.
Ngonyaka odlule owadla umhlanganiso wagoduka noR350 000 kuphela.
UNgqongqoshe weZemidlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula ukhombise injabulo ngalo mcimbi okhula minyaka yonke njengoba sewuqeda iminyaka engamashumi amabili wasungulwa.
NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169



