Ezokungcebeleka

Umculi weqembu loMbholoho nephupho lokuhambela amazwe

Umsunguli weqembu lomculo woMbholoho, Amaviyo, uSibonga Gcwensa uveze ukuthi ufisa iqembu lakhe lizungeze wonke amagumbi amane omhlaba.

UGcwensa uveze lokhu emcimbini wokubungaza amalunga aleli qembu elineminyaka engu-13 lasungulwa ngeSonto.

Umcimbi ubuse Maphephetheni Community Hall, eNdwedwe. Lo mcimbi uhanjelwe uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula.

“Amaviyo, ngeke ngisho ukuthi sekufezekile noma akukafezeki kodwa indlela esesiyihambile ikhomba ukuthi sekuseduze phambili,”

“Ngiyafisa ukuthi Amaviyo siwabone ehamba phesheya kwezilwandle ngoba umculo lona othi uma uwubuka ubone ukuthi vele ufanelwe ukuba phesheya kwezilwandle,”

“Ngifuna akhule kunalokhu ngibone izingane zami (Amalunga Amaviyo) zonke sezinezimoto zazo,” kubeka uGcwensa.

Ngokombiko weNews Avenue uNgqongqoshe Khawula uthe ujabule ukubona okokuqala ngqa leli qembu abelazela ezinkundleni zokuxhumana.

Wanxusa leli qembu ukuba ligweme ukusebenzisa izinsimbi uma licula bukhoma.

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button