Izindaba

Isililo kusha kungqongqa odado abane eMayfair 

Bashe bangqongqa odado abane abaneminyaka engaphansi kwemibili ubudala eMayfair, eGoli.

Lesi sigameko esingundabamlonyeni senzeke izolo ngoMsombuluko.

URobert Malaudzi okhulumela iCity of Jorbug Emergency Services Emergency uthi babikelwe ngomlilo obushisa umuzi ubuhanguhangu ngabo-11 emini.

“Abethimba lezicishamlilo bahlanganile baphuthuma endaweni yesigameko. Izingane bezivaleleke endlini. Abosizo lokuqala be-EMS eGoli baqinisekise ukuthi bafike sebeshonile abantwana,”

“Zonke izisulu zingaphansi kweminyaka emibili,” kusho uMalaudzi.

Ngokombiko weDaily Sun akwaziwa ukuthi lo mlilo uqutshulwe yini.

“Abethimba lezicishamlilo ngaphansi kwe-EMS baphenya imbangela yalo mlilo. Siyaqhubeka nokunxusa umphakathi ukuthi awuphephe kulesi sikhathi sobusika,”

“Niqikekele ukuthi nizisebenzisa ngokuphepha izinto zikagesi,” kugcizelela uMalaudzi.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng Liuetanant-Colonel Mavela Masondo uthe sebevule idokodo.

“Okwamanje akukho esingathi kube umthelela walo mlilo kodwa abaseshi baphansi phezulu ukuthola umsuka,”

“Sicela noma ngabe ubani onolwazi ukuthi avele ngaphambili,” kucela uMasondo.

Khonamanjalo, iPurpose ibike kabanzi ngokusha kwesiguli (39) esigamekweni esishaqisayo ePrince Mshiyeni, eMlaza, eThekwini.

Lesi siguli esigodliwe igama laso sishone ngenxa yokulayitha ugwayi endaweni engafanele sigqoke isfonyo sokuphefumula.

Lesi sigameko senzeke ngoFebruary ngezikhathi zokuvakashelwa kweziguli kusihlwa ngabo-7.

Ngokombiko woMnyango wezeMpilo esinye isiguli sihlabe umkhosi kwabanye onesi.

Ngesikhathi befika bese konakele igumbi ligcwele intuthu bazama ukucisha besebenzisa izinsiza ekucimeni umlilo (fire extinguishers).

Yize kube nemizamo kodwa umufi kumenele ngenxa yamanxeba okusha.

Iziguli ezbezilaliswe kuward C5 noC6  zithuthelwe egumbini eliphephile.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane uzwelane nomndeni oshonelwe

NB: Marketing & Advertising WhatsApp/Call-073 062 1169

Related Articles

Back to top button