Ezokungcebeleka

Umculi nesilonda sokushadiswa nengane kamfundisi ngenkani

Bahle Mkhize

UMCULI uSizwe Moeketsi, odume ngelika Reason, manje osezibiza ngoSizwe Alakine udalule ukuthi wakhonjwa umfundisi ukuthi ashadelwe.

Uveze ukuthi wangena kulo mkhakha evele eseshadelwe eneminyaka engu-21 yobudala.

USizwe oseneminyaka-37, wayewumculi weRap noseshintshele kumaPiano. Uveze konke lokhu ngesikhathi exoxa noChoppin it with Bhuda T podcast.

“Ngafika kulo mkhakha ngingubaba futhi sengishadelwe. Phambilini ngabe ngilidinga uthando kakhulu. Ngakhulelisa intombazane yabantu incane, ubaba wayo uwumfundisi. Wangibizela endlini wathi okanye uyahamba noma uyahlala,” kusho uSizwe.

Wathi ngimoshe ikusasa lengane yakhe, wayefuna ukukhulisa ingane eqotho,mina ngayenza umfazi. Kwase kumele ukuthi ngiyenze unkosikazi,” kusho uSizwe.

Uqhube wathi inkinga yaqala uma sekumele atshele ubaba wakhe ukuthi ufuna ukushada ena-21.

Ngonyaka ka-2020 uSizwe wangena ebudlelwaneni noLootlove emuva kokuhlukana nomkakhe. Eqhuba uthe kodwa basabangani, bagxile ekukhuliseni amantombazane wabo ngendlela enenjabulo futhi enempilo.

USizwe uveze nokuthi kusukela kwi-album yakhe yesithathu kuze kube ngu-2019 wayesazama ukuzithola kwi Hip-Hop.

Ngangingazitholi kwindlela ehamba ngayo iHip-Hop.

“Imizwa yami nomculo engangiwufuna wawungahambisani nayo. Angicabangi ukuthi lomculo unesikhala saReason manje. IHip-Hop ilokhu ishintsha njalo iba ilento engingasiyona. Kwesinye isikhathi mengingabi yilo muntu ebengiziveza nguyena, futhi mengifuna ukukwazi ukusho lokho,” kuqhuba yena

Uthe esinye isizathu esenza athande umculo wamaPiano yingoba uyakwazi ukuba uyena kulolu hlobo lomculo. Elandisa uqhube ngokuthi lolu hlobo ungomunye womculo okwazi ukuhlanganisa umculo nezinkondlo.

USizwe uphinde waveza ukuthi maduze nje uzokhipha i-album yeRap ngesiNguni, egqugquzelwe uSizwe Alakine omusha.

Related Articles

Back to top button