Izindaba

Bayavela enkantolo ‘osbari’ ababanjwe nezidakamizwa zika-3 million eThekwini

Liyah Mseleku

BAZOVELA namhlanje enkantolo yeMantshi abasolwa ababili abayizifikanamthwalo ngamacala okutholakala nezidakamizwa.

Laba basolwa ababili abangenazo izimvumo zokuba kuleli kutholakale kubo ngokwehlukana izidakamizwa zohlobo lweheroin, ezibiza inani elingaphezu kwaR3 million.

Laba basolwa babanjwe izolo ezigamekweni ezimbili ezahlukene eThekwini ngesikhathi amaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit egasele ezindaweni ezahlukene enkabeni yaleli dolobha.

“Amaphoyisa azithele kwimoto ebihamba umsolwa emuva kokuthola ulwazi ukuthi zimbiwe yinsele yazishiya. Umsolwa wokuqala ubanjwe eMbilo kwatholakala amaphilisi eheroine angu-900. Uphenyo lubaholele endlini ekuSphiwe Zuma Avenue kuyo lendawo. Khona kutholakale impuphu yezidakamizwa namanye amaphilisi. Inani lakho konke lokhu lifinyelele kuR2 million ngokwenani lasemgaqweni. Kube sekuboshwa indoda eneminyaka engu-34 ubudala. Ube esethwesa icala lokutholakala nezidakamizwa kanjalo nokungabi namaphepha amgunyazayo ukuba kuleli,” kusho amaphoyisa.

Kwesinye isigameko owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala naye okuleli ngokungemvumo ubanjwe eBerea nenqwaba yempuphu yezidakamizwa iheroin. Umsolwa ulandelwe kancane kancane zagcina zimkhalela. Nakhona uphenyo lwamaphoyisa libakhombe kuRiley Road e-Essenwood nalapho bevundulule impuphu yeheroin engabiza inani likaR1 million ngokwentengo yasemgaqweni.

 

Related Articles

Back to top button