Kubanjwe umoya ngamaZulu F.C kwiMangosuthu Legacy Cup
KUNGENZEKA AmaZulu F.C angabi ingxenye kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup yalo nyaka.
NgoLwesibili emini bekwethulwa izinhlelo zayo eLangeni Hotel, eThekwini.
AmaZulu abelokhu eyingxenye yalo mqhudelwano futhi aseke ayiqukula nendebe.
Lo mqhudelwano wasungulwa ngenhloso yokubungazwa kweqhaza elabanjwa uMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi eNingizimu Afrika eminyakeni edlule.
Usuku olunqunyiwe ukuthi ziqhuthane amakhizane umhla ka-7 Septhemba, ePrince Mangosuthu Regional Stadium oLundi, kanti kulo nyaka kumenywe neqembu laseSwatini iNsingizini FC.
Ngokohlelo lokuqhathwa kamaqembu amenyiwe kukhona iRoyal AM, Richards Bay FC, neNsingizini FC yaseSwatini.
IRoyal AM izobhula amazolo neRichards Bay FC ekuseni ngo-9 ekuseni bese kuthi iNsingizini idlale owesibili ngo-11 emini neqembu elisazomenyezelwa.
UNgqongqoshe wezeMidlalo namaCiko kwaZulu-Natal uMnuz Mtomuhle Khawula ukhalile ngokuthi AmaZulu angeke abe ingxenye yalo mqhudelwano.
Uthembise ukuthi usazoqhubeka axhumane nomnikazi woSuthu uMnuz Sandile Zungu ukuthi ashintshe umqondo.
Umthombo uveze ukuthi okwenze AmaZulu asichithe isicelo sokuyoba ingxenye yingoba aluphathekanga kahle ngezinto ezifana nenkundla ngesikhathi luyingxenye yeKZN Premiers’s Cup ngenyanga edlule. Okunye okuvelile ukuthi lo mqhudelwano usondelene nomdlalo wayo wokuqala nePolokwane City ozokuba ngempelasonto ezolandela iLegacy Cup.
Leli qembu laseThekwini selubeke izizathu zalo esitatimendeni esithunyelelwe iLisenethini ngoLwesibili ntambama.
“1. Iqembu liyayeseka iPrince Mangosuthu Legacy Cup,” kubhala AmaZulu.
“2. Ngeshwa, ngenxa yomdlalo wethu wokuqala ohlelelwe uSepthemba 14, ePolokwane nezimo ezimbi zenkundla (iqembu lalinyalelwa abadlali ngesikhathi sigcina ukudlala kuyo) oLundi, ikilabhu isicele ukuhoxa.
“3. Besivulelekile ukudlala uma inkundla bekuzoba yiPrincess Magogo noma iKing Zwelithini Stadium.
“4. Kungalezi zizathu ikilabhu ithathe isinqumo sokungazibandakanyi kulo mqhudelwano walo nyaka. Sizobuya ngonyaka ozayo.”
Ukwethulwa kwezinhlelo ezintsha zalo mqhudelwano kuhambisane nokugujwa kosuku lokuzalwa kwaMntwana obezohlanganisa iminyaka engu-96 ukube ubesadla anhlavana.
Amathikithi abiza uR50 kanti abahleli bameme umphakathi ukuthi uphume ngononina.