Uphume ngesamagundane uthisha osolwa ngobuqola
Liyah Mseleku
UPHUME ngesamagundane uthisha osolwa ngokuwaka labo abaswele umsebenzi ngokubathembisa izulu nomhlaba.
Ngokombiko weScrolla.Africa lo thisha ufundisa eMame Full Service School, kwaNongoma, kwaZulu-Natal.
IPurpose inolwazi lokuthi ukudayiswa kwezikhala osekwandile eMnyangweni wezeMfundo kuqala kuR30 000 kuya kuR200 000.
Kulesi sigameko ebesikhulunyelwa phansi nesenzeke ngesonto eledlule kungenelele amaphoyisa abizwe unogada ukuvikela uthisha kwizidlamlilo zomphakathi
Ngenxa yokubona ubungozi babo, unogada kuthiwa uvele wamphika wathi akekho esikoleni.
“Bavele bamtshela unogada ukuthi ukhuluma amanga ngoba bayayibona imoto yalo thishela emagcekeni esikole. Unogada uvele wathi njengoba bebona imoto akusho ukuthi yena ukhona.
“Kuthe uma befuna ukungena ngenkani, unogada wavele wabiza amaphoyisa. Yilapho-ke bevele babaleka. Uthisha lona uphume esekhokhoba egadwe amaphoyisa emyisa ekhaya ngoba isimo besesisibi kakhulu,” kuchaza umthombo ocele ukungadalulwa nangengozi.
Lo mthombo uqhube wathi lo thisha usolwa ngokuthi ukhokhisa abantu izizumbulu zemali ebathembisa ukuthi bazoba othisha ezikoleni azobafaka kuzo.
Kulezi zikole kuthiwa uhlangene nesinye sezikhulu eziphezulu eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni abagila naso lo mkhuba.
Okhulumale uMnyango uMnuz Muzi Mahlambi, ukhuze lamalungu omphakathi ukuba angalokothi azithathele umthetho ngenzandla kodwa awasize uMnyango ngemininingwane ukuze kuphenywe.
“Siyanxusa kubantu bakithi ukuba bangazithatheli umthetho ngezandla kulolu daba. Sicela ukuba balethe imininingwane yalezi zinsolo emahhovisi oMnyango ukuze sithathe izinyathelo ezifanele.
“Okunye esizokwenza sizoluphenya lolu daba siphinde sifake namaphoyisa ukuba akwazi ukugcina lo thisha ephephile ngesikhathi kusaphenywa,” kusho uMahlambi.
Udaba lokudayiswa kwezikhala zothisha lugcine luphoqa owayenguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga ukuba aphenye nokwathi imiphumela yombiko yakhomba ngenjumbane inyunyana yothisha i-Sadtu.
Isikole iMame sidume ngezidubedube okubalwa nemibango yezikhala zokuphatha ngaphakathi nokubuye kube nothisha abasolwa ngokugwazelwa ukuze izikhundla zinikezwe abathile.
Lesi sikole siqanjwe ngewele likaMkabayi kaJama owayengomunye wabesifazane bobukhosi ezwenikazi i-Afrika ababehlonishwa futhi besatshwa.