Ukhihle esikaNandi uBabes kukhunjulwa uMampitsha
Sane Mseleku
UMCULI weGqom uBabes Wodumo ukhihle esikaNandi kukhunjulwa umyeni wakhe uMandla “Mampintsha” Maphumulo.
UMampintsha wabe eyinsika yeqembu lomculo iBig Nuz.
NgeSonto mhlaka-15 bekugujwa iminyaka engu-10 ye-INK-KASI Xperience ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu eThekwini.
UBabes ubecula esteji, wakhala ‘mi’ izinyembezi etshela abalandeli ukuthi angeke awujabulele uKhisimusi njengoba umyeni wakhe washona ngosuku lwaphambi kaKhisimusi umhlaka-24 Disemba.
Ucele abalandeli ukuba bamkhulekise kulesi sikhathi.
“UMampintsha washona mhlaka-24 December 2022, angeke ngiwujabulele uKhisimusi, ngicela ningiphe uthando,” kuzicelela uBabes.
Umnikazi womcimbi uSplash uhloniphe uMampintsha ngoba uyena owamgqugquzela ukuba enze lo mcimbi KwaMashu eminyakeni engu-10 edlule.
Emuva kokuqeda ukucula uBabes uhluleke ukuzibamba izinyembezi zagobhoza ngesikhathi uSplash emunika isithombe saMampintsha kwadlala nezingoma zakhe okuyindlela yokumkhumbula.
“Sinalo mcimbi omkhulukazi nje ingenxa yaMampintsha owangigqugquzela ukuba ngiwenze la KwaMashu.
“Ngibone kufanele ukuba simhloniphe namhlanje emsebenzini wakhe omuhle kangaka. Sibone kufanele ukuba senzele uBabes lokhu ukukhumbula nokuhlonipha umyeni wakhe,” kusho uSplash Ngwenya.