Ezokungcebeleka

Umjolo omusha kobeshade noSello

Sane Mseleku

UPearl Mbewe obeshade nomlingisi uSello Maake kaNcube, ufake izithombe zika Lebo Keswa kwizinkundla zokuxhumana wabhala ukuthi “muntu wami”.

Lokho kwenze kwachwaza ezinkundleni abantu besho ukuthi kusho ukuthi uSello wabe eqinisile sonke lesi sikhathi.

Phambilini bebexabana beneMbewe emshadweni wabo, uSello waveza ukuthi uMbewe ujola noLebo Keswa lowayeshade noLetoya Makhene.

Ngesikhathi uSello exabana nomkakhe waze wafakela uLebo incwadi yesivikelo emaphoyiseni okwadala izinkulumo eziningi ngesikhathi uLebo ethuka uSello embiza ngegwala esho ukuthi akazithembi ngoba emsola ngokulala nomkakhe.

UMbewe wakuphika konke lokho washo ukuthi bahlangene ngomsebenzi kuphela. Wasola uSello ngokungcolisa igama lakhe nokuzenza muhle ngaye.

Abantu babe nemibono ehlukene kwezokuxhumana abanye begxeka uMbewe ngokwenza uSello isilima nomuntu omubi sonke lesi sikhathi ebe elazi iqiniso.

Isithombe esifakwe uPearl Mbewe ezinkundleni zokuxhumana wabhala ukuthi “muntu wami”

Usephenduke nenhlekisa uLebo ngoba abantu behleka ukuthi uLetoya usemphendule owesifazane ngempela ngoba eqgoke ingubo nje.

Okunye okucashuniwe okuphawulwe abantu ezinkundleni “kudingeka umkhuleko kulaba besifazane bobabili,”.

“USello wayeqinisile sonke lesiskhathi ubuzenza UBhuti omdala”.

Lokhu kwenza abantu bazibuze ngokuthi liphi iqiniso kukho konke lokhu okukade kushiwo.

USmiso Dlangisa uthe: “Ngibona sengathi labosisi bobabili badinga ukuthula nokuphola, kodwa ngisaba ukuthi kuzoba khona ojikela omunye emuva kokuphola kwabo, sengathi bangathatha izinto kancane,”

“USello wadlala ngesikhathi sakhe la”.
“Ngaze ngamzwela sonke lesisikhathi uSello bekudlalwa ngaye”, kuphawula abantu ezinkundleni zokuxhumana.

Related Articles

Back to top button