Umbulali u-Oscar Pistorious uvuke ngentombi entsha
UMSUBATHI u-Oscar Pistorius owagwetshwelwa icala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp, kubikwa ukuthi uvuke ngentombi entsha.
Abazazi kancono izindaba zale nsizwa bathi usejola nomngani womndeni wakhe uRita Greyling.
U-Oscar wadubula wabulala uReeva Steenkamp, ngosuku lwezithandani ngo-2013.
Umbulali uPistorius walahlwa icala wagwetshwa iminyaka engu-13 ebhadla ejele.
Uhlale iminyaka eyisishiyagalolunye ejele ngaphambi kokudedelwa ngoshwele ekuqaleni konyaka.
INetworks idalule izindaba zokuthi usejola nosomabhizinisi uRita, kuthiwa bafuna ukufihla ngobudlelwano babo okwamanje.
Umthombo osondelene no-Oscar ucashunwe uthi uzama ukwakha kabusha impilo yakhe futhi uyazigwema izindawo zokudlela nezomphakathi ngoba ufuna ukuba sesithe.
Lo mgijimi ophila nokukhubazeka uhlala emzini womfowabo kayise omncane u-Arnold Pistorius, ePitoli.
UPistorius wadubula amahlandla amane kuSteenkamp, ngaleso sikhathi umufi wayezivalele endlini encane. Wadubuleka ekhanda, isethangeni nasengalweni.
ENkantolo wayezivikela ngokuthi kwaba iphutha wayecabanga ukuthi ungenelwa abantu yingakho wayezivikela ngokudubula.