Izindaba

UCris Brown wenze ‘imilingo’ eFNB

Sane Mseleku

BEKUGCWELE phama kule mpelasonto eFNB Stadium, eGoli, abantu bezothakasela umcimbi kaChris Brown wezinsuku ezimbili.

UBrown wenze adume ngazo emcimbini ngesikhathi ebusisa uMzansi ngezingoma ezithandwa kakhulu.

Ukhiphe wonke amagalelo wakhe evulelwa inkundla abaculi bakuleli esteji okubalwa kubo uMusa keys, Major League, oDJ kanye ne Scorpion Kings.

Abalandeli bakhe bahlabeka umxhwele ngesikhathi endiza phezulu kwenkundla entweza ngentambo, ecula amanini ezingoma zakhe.

Nakuba aziwa ngamakhono akhe, kodwa ubusise uMzansi ngomdanso wakhe odumile nothandwa kakhulu ‘uTshwala Bam’ ne ‘Biri Marung’, lapho wenze ezibukwayo ekhombisa abalandeli ukuthi udansa kangcono kuneningi, kube sengathi bahanjelwa izingqondo abalandeli bakhe bejabula.

Khonamanjalo umculi osemncane waseThekwini, eNanda, uNaledi ujabulise okwengane encane ibona amaswidi ngesikhathi ehlangana nalesi sihlabani okokuqala.

UNaledi uthole ithuba lokuhlangana naye babonane ubuso nobuso.

Iningi bese liqalile ukusabalalisa amahlebezi okuthi uNaledi uvalelwe ngaphandle ngenxa yokungabinakali nangokhalo ngoMgqibelo, kwihlandla lokuqala.

UNaledi waphenduka usaziwayo ngokuphazima kweso ngesikhathi uChris Brown ekhombisa uthando lwevideo yalentomzanane eyayishutha icula ekilasini.

Kuqondane kahle nosuku lokuzalwa kwakhe uNaledi ehlangana nalesi sihlabani.

“Ungijabulele, ngiyabonga kakhulu Breezy ngayo yonke into, izandla zidlula ikhanda. Ngibe nosuku lokuzalwa olwedlulza Zonke,” ubhale kanje ezinkundleni zokuxhumana.

Related Articles

Back to top button