Uhlukene umndeni ngeYadi elivulwayo
IKHUZA ibuya isibizwa ngegama elisha indawo yobumnandi eyaduma iNingizimu Afrika nakwamanye amazwe, i-Eyadini Lounge, ekwa-V, eMlazi.
Ngokubika kweLanga Le ndawo kulindeleke ukuba ivulwe ngokusemthethweni ngomcimbi wezinsuku ezintathu, kusukela mhla ka-30 kwephezulu nonyaka. Isizobizwa ngeBlack Bottle Liquors.
Ngokusho komnikazi wayo omusha, uMnu Siwaphiwe Mlobeli, uhlela ukwenza indumezulu yomcimbi ukubuyisa le ndawo ebantwini.
Uthe kulezi zinsuku ezintathu kuzobe kuboshelwe oDJ nabaculi abadumile eThekwini nasezweni lonke jikelele.
“Sihlela ukuphothula uhlu lwabazonandisa ngesonto elizayo, kodwa bazobe bekhona abantu abafana noDJ Tira, uDlala Thukzin noDJ Bongz. Abanye sisazoxoxa nabo,” esho.
Uthe akasilona ivukana kwezobumnandi. “Sengisebenze emicimbini eyahlukene, ngisabalalisa iziphuzo njengoba inkampani yami, iBlack Bottle Liquors, yaziwa ngalo msebenzi. Ngakho ukuvula le ndawo, kuzobe kuwukwengeza emsebenzini ebengiwenza,” esho.
Uthe akukho okutheni azokushintsha ngaphandle kokukhuphula izinga endaweni ebivele ikhona.
Le ndawo izovulwa zonke izinsuku, kanti uLwesihlanu, uMgqibelo, iSonto, uMsombuluko noLwesithathu kuzobe kuyizinsuku zemicimbi.
Khonamanjalo iZiMoja ibike ukuthi kuxabene ubendle phakathi komndeni njengoba uthi awazi lutho ngokuvulwa kwale ndawo.
Okwenza umndeni uhlukane phakathi wukuthi umfelokazi kamufi uMaDlamini Zama babengasathandani besendleleni yokufaka incwadi yesehlukaniso nomufi.