Usezinhlungwini zeminyaka (11) oxoshwa izibhedlela
Bahle Mkhize
USEPHELELWE yithemba ngempilo ufisa nokuzibulala uNkosinathi Gotshana (37) waseBizana, e-Eastern Cape.
UGotshana wavaleka ukuchama eqeda ukuyohlinzwa esibhedlela saseMthatha okuyimanje uchama ngamapayipi nosekuphele iminyaka engu-11 ephila le mpilo ngaphandle kosizo.
Ngokusho kwamfowabo omncane uSnethemba Gotshana uthi kwavuleka nembobo phakathi kumazambane ephuma ubovu nsuku zonke.
“Sizame nokumyisa ezibhedlela zakwaZulu-Natal kodwa nakhona bayambuyisa ngoba bethi ngeke bamthinte ufanelwe ukuhlengwa yi-Mtata Hospital ngoba isimqalile. Akukho usizo esilutholayo eMthatha kuthiwa amasosha wakhe omzimba aphansi,” kusho uSnethemba.
“Ngicela usizo inzima lempilo engiyiphilayo. Lokhu kugula kwangiqala ngisebenzela ePortshepstone ngo-2013. Kumanje ngihlezi ekhaya angisebenzi nginakekelwa umama osekhulule kanti siphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni,” kuphawula uNkosinathi obezwakala ocingweni ukuthi usezinhlungwini.
Uveze nokuthi okumlahlisa ithemba wukuthi izibhedlela zaseKZN ziyamnqaba ikakhulukazi esase Portshepstone.
UNkosikhona ufisa ukuthola uMsamariya onesihawu ukuthi amsize. Inombolo atholakala kuyo 073 625 7072.
Sisalinde uMnyango wezeMpilo ukuthi uphefumule ngalolu daba, ukuphawula kwawo sizokushicilela.