Izindaba

Isihluku unina wosana eligwaza elibulala nomfowabo

USASHAQEKILE umphakathi waseMankweng, eLimpopo kuboshwa unina womntwana nomfowabo ngokugwaza babulale usana obelunosuku luzelwe.

Lo wesifazane oneminyaka engu-26 nomfowabo ona-43 bachazwe njengezilwane kanti kumanje bagqunywe esitokisini.

Ngokubika kwephephandaba lesilungu eliphuma nsuku zonke usana lwabulawa eLastehoop, kwa Ga-Malatji ngoLwesithathu, Novemba 6.

Uphenyo olubanzi luveze ukuthi ingane yabulawa emvakokuba izalelwe ekhaya igwazwa ngento ecijile.

Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Hlulani Mashaba uthe: ” Uphenyo olunzulu luveze ukuthi umama wosana nomfowabo babulale ingane emva kokuba izalelwe ekhaya.

Laba bobabili, kuvelile ukuthi bayathinteka kuleli cala base beboshwa ngaleso sikhathi.

Imbangela yokubulala ayikaziwea kusaphenywa. Abasolwa bazovela enkantolo yaseMankweng maduze,”.

ULegodi Kgala oyikhansela kule ndawo kuward 5 uthi simethuse kakhulu lesi sehlakalo.

“Sithole ukuthi lezi zigilamkhuba azihlali eWard 5. Bagile lomkhuba maqede bazogqiba isidumbu egcekeni lagogo nomkhulu wabo,” kusho uLegodi.

“Amukho ohlala kuleli khaya. Kwesinye isikhathi sibona abantu abaqhamuka emazweni angaphandle bephuma bengena kodwa amukho umuntu ohlala ngokuphelele. Sikhathazekile futhi sithuke kakhulu ngalesi sihluku abasenzile,” kusho uLegodi.

OweNgwana House, okuyikhaya labantwana ePolokwane, uSandra Jansen van Rensburg unxenxe abazali abancane ukuba bacele usizo uma benezinkinga.

“Sikholelwa ukuthi lezi zigameko zingagwemeka, uma abantu bengazi ukuthi iyiphi imigudu abangangena kuyo ukuze banakekelwe izingane zabo. Kubuhlungu ukuthi siyaqhubeka nokulahlekelwa izimpilo zezingane ezingenacala ngale ndlela. Siyi Ngwana House, samukela zonke izingane,” kusho uVan Rensburg.

Related Articles

Back to top button