Ubuye nezindondo oshiye ‘eqhathe’ abaculi eMzansi
Sane Mseleku
UMCULI wakuleli uTyla, uqoqe izindondo ezintathu, kuma 2024 MTV Europe Music Awards abethulwa eManchester, e-England ngeSonto.
Lo mculi weTruth or Dare, ubefakwe ezigabeni ezine okubalwa neBest New Act, wabuya nezindondo ezintathu iBest Afrobeats Act, Best African Act kanye ne Best R&B Act.
Kwisigaba seR&B Act ubebhekene, nezingqelwe okubalwa kuzo SZA, Usher, Tinashe, Kehlani kanye noVictoria Monet.
Unqoba nje phesheya eMzansi uCassper Nyovest ucele udede eringini uMthandeni ngenxa yokugejana ngokuphumela obala kwakhe. UCassper wathi indondo yeSong of the Year kumaSouth African Awards (SAMA) ibifanelwe uTyla.
UTyla ube nomunyu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokubonga ngesikhathi emukela indondo yeR&B.
“Ngithuke njengani bakwethu, angazi ngenzenjani,” kusho uTyla.
“Ngiyazi kunzima ukuqonda uhlobo lomculo wami. Ngihlanganisa izinhlobonhlobo zomculo, kodwa iR&B iyona engisebenza ngayo kakhulu, ikakhulukazi u-Aaliyah, omunye wabaculi engimkhonze kakhulu,” usho uTyla.
Lomculi waseMzansi uhambele lomcimbi wama Awards, eqgoke ingubo ewuphawu lokuhlonipha u-Aaliyah Roberto Cavalli, ayeyiqgoke ngonyaka ka-2000 kuma awards eMVA.
“Ukuwina le ndondo ngigqoke ingubo yakhe, kuyangimangaza nkosi yami,” kusho uTyla ethukile nezinyembezi emehlweni.
Wamukele indondo ye-Afrobeats nodadewabo, uSydney Seethal esteji.
“Angikholwa, bonke abaqokiwe bane khono. Bathathe i-Afrobeats bayibeka kwelinye izinga” kuqhuba yena.
UTyla iphinde wanandisa ecula ingoma yakhe edume umhlaba wonke iWater nenye iPush 2 Start kuwo lomcimbi.