Izindaba

Ixoshiwe imenenja yaseNdiya ebicwasa emsebenzini

IKHISHWE ngesango imenenja yomdabu waseNdiya uDarryl Govender enkampanini ezinze eGoli.

UGovender ulahlwe amacala ngaphakathi okucwasa abebala elimnyama futhi ababize ngamagama okucwasa.

Emuva kokusabalala kwelezi zindaba zokucwasa ngokwebala inkampani iqashe abaseshi abazimele ukuze baphenye lolu daba.

ICEO yasePride Pak Yagnesh Gosai uthe kunzima ukubhekana nalolu daba.

UGosai uqinisekisile kwiSunday World ukuthi uGovender wamxosha emasontweni adlule.

“Sililungisile icala, njengoba sibe nophenyo olunzulu. Kube icala elihlangahlangene ngenxa yokuthi abasebenzi bese befuna ukuhoxa kwizitatimende zabo, ngenxa yokuthi abafuni ukuzingena. Sifune uphiko lwabazimele ukuze kuxazululeke loludaba. UGovender ufake isicelo sokuphenywa kabusha kwecala lakhe, kodwa asizange samukeleke,” kusho uGosai.

UGovender unqabile ukuphawula ngokuxoshwa kwakhe.

UMalende ubikile ukuthi uGovender waqala ukumcwaswa kusukela ngo-2022.

UShadrack Malende wabika kwandabazabantu benkampani ngokuhlukumezeka kwakhe wabe esevulelwa icala ngonyaka odlule.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Mavela Masondo, uvumile ukuthi lavulwa icala lokucwasa eBooysens Police Station.

Uthi uMalende indaba yaqala ngesikhathi uGovendor ethi abashintshane ngamashift, wanqaba.

 Waqala wambiza ngamagama, wamthuka uma efika emsebenzini. Embiza nge K….r ne P…y

“Indlela ayengithuka ngayo wayengenza ngizibone ngingelutho. Ngangihlukumezeka nsuku zonke,” kusho uMalende.

Related Articles

Back to top button