Izindaba

Ishiye kukhalwa imvula nomoya onamandla eKZN

Philasande Luthuli 

IMVULA enamandla ebibikiwe ihambisana nomoya idale umonakalo kwizakhiwo eMkhondo, Piet Retief.

Lesi simo sezulu esibi besibhilite ngeSonto ntambama kanti imithombo yabezindaba ibike ukuthi kukhahlamezeke izakhiwo okubalwa kuzo ezamabhizinisi, ezokuhlala kwabantu kanye nezingqalasizinda.

Ugesi kwezinye izindawo awubonwa njengoba izihlahla ziwele ezintanjeni zikagesi zanqamuka. Ezinye izakhiwo asizenaphahla ngenxa yomoya obuphephula kwasani.

Ababhekelele izinhlekelele bamatasatasa ezindaweni ezikhahlamezekile bazama ukulekelela.

NgeSonto iPurpose ibike ngethimba elibhekele izibhicingo kuMasipala weThekwini elikhiphe isexwayiso sokuthi abantu abahlale beqaphile isimo sezulu esingesihle.

AbeSouth African Weather Service (SAWS) bathi isimo sezulu sizosuka kuLeve 2 sinyukele ku-4 kusukela ngehora lesithathu ntambama ngeSonto.

Lo level 4 usudale ukugxabha kwezisu kwabaningi kwazise izimvula ezinamandla nemibani kuvame ukudlula nemiphefumulo.

Izingxenye zeTheku ezingase zithinteke kubalwa inkaba yedolobha (CBD), Berea, Glenmore, Morningside, Umbilo, Chatsworth, Pinetown, Queensburgh, Amanzimtoti, naseMlazi.

Kuthiwa kulindeleke umoya onamandla, imvula engenamkhawulo, liphinde lidedele imibani.

Leli zulu elibi kuthiwa kulindeleke ukuthi likhafule umoya ogijima ngo100/h kuya ku-120 km/h.

Ukubaniza khona kuzodala ukunqamuka kwagesi, kuwe nezihlahla kanjalo nezimoto emgwaqeni zizophazamiseka.

Imvula kulindeleke ukuthi liyidlive lidedele u-40mm, ongadala izikhukhula.

Sekucelwe ukuthi abantu bagweme ukuthatha uhambo olungenasidingo kwansuswa ukuthi abantu bahlale ekhaya.

Abashayeli bezimoto kumele baqaphe ngelokhozi uma kwenzeka bezithola sebesemgwaqeni.

Related Articles

Back to top button