
Ubheke eMtshezi uLimit nomjikelezo wemicimbi
UDLULELA eMary Lu Launge, eMtshezi ngomhlaka-19 kwephezulu, uLimit Nala nomjikelezo womcimbi wokubonga abamesekile enqoba iToyota Quantum, kwiMother of All, eThekwini emasontweni amabili adlule.
Kulo mcimbi uzobe ephelezelwa ngabanye abaculi bakaMaskandi okubalwa kubona uNtencane, uMenzi, uMzukulu, uMjolisi, uFalabo, uNjoko, uQuality, uMafikizolo, uThandazani, uMkhulekelwa, uMayoghurt nabanye.
ULimit Nala, uthi nakuba kunzima ukuhambela zonke izindawo zesifundazwe, kodwa kweziningi uzofinyelela.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto edlule wenze umcimbi wokugubha nomphakathi wangakubo kwaNxamalala, eNkandla esikoleni iNtolwane eyowethulela ngokusemthethweni iQuantum.
“Abantu bangenzele okukhulu kakhulu empilweni yami. Ukubonga kwami akwenele uma ngingafinyeleli phambi kwamehlo abo. Baningi abantu abangithandayo ezindaweni eziningi abadele konke, bakhipha imali yabo, ngakho-ke kufanele ngisondele eduzane, ngibonge bese ngibakhombise bukhoma nemoto engiyiwine ngenxa yevoti labo,” kusho ekhuluma neLanga.
Uthi bekunzima kakhulu emncintiswaneni, yingakho ukunqoba kwakhe kusho lukhulu kuyena. Uveze ukuthi eminye imigubho uzoyenza eGauteng.
“Maningi amabhinca eGoli, izinsizwa nezintombi beziwa zivuka nami emahostela. Ngizohlela usuku lokuhambela emahostela eGoli nasezindaweni esikhangisa kuzona umsebenzi wethu, ngigubhe nabo abantu,” esho.
ULimit unqobe, waguqisa abaculi abawu-29 kulo mncintiswano. Ukunqoba kwakhe kujabulise abaningi abalandela lolu hlobo lomculo, ngenxa yokuthakaselwa kakhulu kwezingoma zakhe. Kulezi zinsuku udlisela ngezingoma okubalwa kuzona ethi, “Uvume kanjani, iKulate nezinye.